Ukusulelwa Izono

Ukusulelwa Izono

عن أبي بردة بن نيار رضي الله عنه قال قال رسول الله صلي الله عليه وسلم من صلى علي من أمتي صلاة مخلصا من قلبه صلى الله عليه بها عشر صلوات ورفعه بها عشر درجات وكتب له بها عشر حسنات ومحا عنه عشر سيئات (السنن الكبرى للنسائى، الرقم: 9809، ورواته ثقات كما في فتح الباري 11/167)

UHazrat Abu Burdah (Radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wa sallam) wathi, “Noma omuphi umuntu othumela iDurood kimi kanye ngobuqotho kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe, UAllah umbusisa ngomusa ophindwe izihlandla eziyishumi, amkhuphule iskhundla izigaba eziyishumi kwelizayo, ambhalele izenzo eziyishumi ezinhle futhi amsulele izono zakhe eziyishumi.

Igama Lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) KwiTaurah (IBhaybeli likaMose)

UAllaamah Sakhaawi (rahmatullah alayhi) ubika ukuthi: Ebantwini beBani Israa’eel kwake kwaba khona umuntu owakade enza izenzo ezimbi. Ngenkathi eshonile abantu abamkhombisanga nhlonipho. Bashiya umzimba wakhe phansi bangakhombisa nokuwnaka. UAllah wayala uMoosa (alayhisalaam) wathi: “O Moosa geza isdumbu sakhe, bese umthandazele, ngoba mina sengimxolelile izono zakhe ngamthethelela.”

UMoosa (alayhisalaam) wabuza: “O Allah, kungani wenza kanje? “UAllah waphendula wathi,” Iso lakhe lake lawela egameni lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) kwiTaurah wathumela iDurood kuRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam). Ngenxa yalesenzo, sengimxolelile. (Al-Qawlul Badee pg. 260)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …