Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 2

6. Cela intethelelo wenze idu’a kaningi ingekaqali inyanga kaRamadhaan.

7. Zama ukuqeda yonke imisebenzi kanye nezinye izidingo ngaphambi kokuthi iqale ukuze uma iqala sonke isikhathi sakho usinikele ekukhonzeni (ibaadaat).

عن عبادة بن الصامت رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه و سلم قال يوما وحضر رمضان أتاكم رمضان شهر بركة يغشاكم الله فيه فينزل الرحمة ويحط الخطايا ويستجيب فيه الدعاء ينظر الله تعالى إلى تنافسكم فيه ويباهي بكم ملائكته فأروا الله من أنفسكم خيرا فإن الشقي من حرم فيه رحمة الله عز و جل رواه الطبراني ورواته ثقات إلا أن محمد بن قيس لا يحضرني فيه جرح ولا تعديل (الترغيب والترهيب، الرقم: 1490)

UHadhrat Ubaadah bin Saamit (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi kwathi ngelinye ilanga ngaphambi nje kokuqala kwenyanga kaRamadhaan, uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi kumaSahaabah (radiyallahu anhum), “Inyanga kaRamadhaan isizofika. IRamadhaan yinyanga yezibusiso. Kulenyanga uAllaah wehlisa umusa waKhe wekhethelo, athethelele izono zenu futhi alalele, amukele yonke imithandazo kanye nezicelo zenu. UAllaah uyanibuka niqhudelana ngokwenza okuhle ngenyanga kaRamadhaan (nijabulisa Yena) bese egabisela izingelosi ngani. Ngakho-ke khombisani uAllaah imizamo yenu yobuqotho nokulunga ngoba ngempela lowo ohluleka ukuthola umusa kaAllaah kulenyanga ungolahlekelwe.”

8. Uma sekuzoqala inyanga kaRamadhaan nakuyo inyanga kaRamadhaan yisho le du’a :

اَللّهُمَّ سَلِّمْنِيْ لِرَمَضَان وَ سَلِّمْ رَمَضَانَ لِيْ وَسَلِّمْهُ لِيْ مُتَقَبَّلًا

O Allaah! Ngilondolozele inyanga kaRamadhaan (ngiyibone ngiwumqemane ukuze ngizuze ngokuphelele kuyo) futhi nayo inyanga kaRamadhaan uyilondolozele mina( ngokwenza izimo zayo zingihlomulise ngokuphelele) futhi wamukele okuphuma kimi.

عن عبادة بن الصامت قال: كان رسول الله صلى الله عليه وسلم يعلمنا هؤلاء الكلمات إذا جاء رمضان اللهم سلمني لرمضان وسلم رمضان لي وسلمه لي متقبلا. رواه الطبرناني في الدعاء والديلمي وسنده حسن. (كنز العمال، الرقم: 24277)

UHadhrat Ubaadah bin Saamit (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayefundisa amaSahaabah (radiyallahu anhum) le du’a engenhla uma kuzoqala inyanga kaRamadhaan.

9. Kwenze kube ngumkhuba ukwenza izenzo ezinhle ngenyanga ka Ramadhaan futhi ugweme imikhuba emibi kanye nezono.

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا كان أول ليلة من شهر رمضان صفدت الشياطين ومردة الجن وغلقت أبواب النار فلم يفتح منها باب وفتحت أبواب الجنة فلم يغلق منها باب وينادي مناد يا باغي الخير أقبل ويا باغي الشر أقصر ولله عتقاء من النار وذلك كل ليلة (سنن الترمذي، الرقم: 682)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Uma kufika ubusuku bokuqala benyanga ka Ramadhaan, usathane kanye namaJinn (imimoya) emibi bayaboshwa ngamaketango, iminyango yesihogo iyavalwa akukho nowodwa ovulwayo (ngalenyanga), iminyango yasezulwini iyavulwa kungabikho nowodwa ovalwayo, kumenyezwe kuthiwe, “O wena ofuna ubuqotho nokuhle, qhubeka! O wena ofuna okungalungile, SHIYA! Futhi uAllaah ukhulula imiphefumulo eminingi kumlilo wesihogo, lokhu kwenzeka njalo kubusuku benyanga ka Ramadhaan”.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …