Ukunyuka Kwesikhundla Izihlandla Eziyishumi

Ukunyuka Kwesikhundla Izihlandla Eziyishumi

عن أنس بن مالك قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من صلى علي صلاة واحدة صلى الله عليه عشر صلوات وحطت عنه عشر خطيئات ورفعت له عشر درجات (سنن النسائي، الرقم: 1297، وسنده حسن كما في المطالب العالية 13/785)

UHazrat Anas bin Maalik (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi: URasulullah (sallallahu ‘alayhi wa sallam) wathi, ” Umuntu othumela iDurood kimi kanye, UAllah uthumela kuye izibusiso eziyshumi, asulelwe izono eziyshumi futhi anyuselwe iskhundla izigaba eziyishumi.”

Ukuhlala Nabafunda IDurood

UHazrat Sa’d Zanjaani (rahmatullah ‘alayhi) wake washo lokhu okulandelayo:

Kwakunendoda eyinceku eyake yahlala nathi eGhibhiti. Igama layo kwaku Abu Sa’eed Al-Khayyaat (rahmatullah ‘alayhi) Wayekade engazihlanganisi nabantu futhi engalibambi iqhaza emhlanganeni eyayike ibekhona. Kepha emuva kwesikhati waqala wagcizelela umhlangano ka Ibnu Rasheeq (rahmatullah Alayhi). Bamangala  abantu ngenkathi bebona lokhu base bembuza ukuthi kungani ehamba umhlangano ka Ibnu Rasheeq (rahmatullah ‘alayhi). UAbu Sa’eed Al-Khayyaat (rahmatullah ‘alayhi) waphendula wathi, “Ngibone uRasulullah (sallallahu ‘alayhi wa sallam) ephupheni wase ethi kimi, thamela umhlangano ka Ibnu Rasheeq ngoba uthumela iDurood eningi kimi.” (Al-Qawlul-Badee pg. 131)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …