Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan – 1

1. Qala ukulungiselela inyanga ka Ramadhaan kusanesikhathi. Abanye babakhonzi abaqotho baphambilini babeye baqale ukulungiselela kusasele izinyanga eziyisithupha.

2. Uma inyanga ka Rajab iqala shono ledu’a :

اَللّٰهُمَّ بَارِكْ لَنَا فِيْ رَجَبٍ وَّشَعْبَان وَبَلِّغْنَا رَمَضَان

“O Allaah! Sibusise kule nyanga ka Rajab no Sha’baan, futhi usingenise kwinyanga ka Ramadhaan”.

عن أنسٍ رضي الله عنه قال كَانَ النَّبِيُّ صَلَّى اللهُ عَلَيهِ وَسَلَّمَ إذَا دَخَلَ رَجَبٌ قَالَ: اَللّهُمَّ بَارِكْ لَنَا فِيْ رَجَبٍ وَّشَعْبَانَ وَبَلِّغْنَا رَمَضَان (شعب الايمان، الرقم: 3815)

UHadhrat Anas (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uma inyanga ka Rajab iqala, uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayeye asho ledu’a:

اَللّٰهُمَّ بَارِكْ لَنَا فِيْ رَجَبٍ وَّشَعْبَان وَبَلِّغْنَا رَمَضَان

“O Allaah! Sibusise kulenyanga kaRajab noSha’baan futhi usingenise enyangeni kaRamadhaan”.

3. Hlela futhi wenze isikhathi esanele sokukhonza (njengananokufunda iQur’aan eyingcwele, nokunye). Ngokuhlela kahle izinhlelo zakho kanye nokuqikelela isikhathi, ugwema ukumosha isikhathi esibalulekile wenza izinto ezingathi shu ngenyanga kaRamadhaan.

عن أبي سعيد الخدري رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه و سلم قال من صام رمضان وعرف حدوده وتحفظ مما ينبغي له أن يتحفظ كفر ما قبله رواه ابن حبان في صحيحه والبيهقي (الترغيب والترهيب، الرقم: 1474)

UHadhrat Abu Sa’eed Khudri (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo ozila ngenyanga kaRamadhaan, agcine imigomo nemibandela yayo futhi aqikelele ukugcwalisa zonke izidingo namalungelo ayo, ziyothethelelwa zonke izono zakhe.

4. Uma umuntu enesikweletu kuMdali (isibonelo :umkhuleko ongakhokhiwe, ukuzila (saum) okungakhokhiwe, umnikelo (zakaat) ongakhokhiwe, nokunye) noma ekweleta okudaliwe (isibonelo: ukugqilaza nokucindezela abanye, ukuhlukumeza kwanoma iluphi uhlobo, izikweletu ezingakhokhiwe, nokunye), kufanele akulungise konke lokhu ngaphambi kokuqala kwenyanga kaRamadhaan. Ngokwenza njalo uzibeka ethubeni lokuthola izibusiso ezigcwele zenyanga kaRamadhaan.

5. Zama ukukhuphula izenzo zokukhonza ingekaqali inyanga kaRamadhaan uzijwayeze nohlelo lokukhonza lwansuku zonke oluthe xaxa khona kungazuzwela uma le nyanga isiqalile.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …