Ukuthola Izibusiso Eziyishumi

Ukuthola Izibusiso Eziyishumi

عن أبي هريرة قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من صلى علي مرة واحدة كتب الله عز وجل له بها عشر حسنات (مسند أحمد، الرقم: 7561، ورجاله رجال الصحيح غير ربعي بن إبراهيم وهو ثقة مأمون كما في مجمع الزوائد، الرقم: 17282)

UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi “Umuntu othumela isikhonzo kimi kanye, UAllah umbhalela izenzo ezinhle eziyizhumi (encwadini yakhe yezenzo).”

Ukusondelana NoRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) Okukhethekile

UQaadhi Iyaadh waye kade eyiMuhaddith eyayihamba phambili ngesikhathi sakhe. Wabhala incwadi ekuthiwa _iAsh-shifaa_ eyayimayelana namalungelo kaRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) nokuthumela iDurood kuye. Kubikwa ukuthi umshana kaQaadhi Iyaadh wake wabona umalume wake uQaadhi Iyaadh ephupheni ehleli noRasulullah esihlaweni sobukhosi esakhiwe ngegolide. Ngokubona iskhundla nenhlonipho umalume wakhe ayikhonjiswa uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam), wamangala wathinteka kakhulu.

Ngenkathi uQaadhi Iyaadh waba nolwazi lephupho lomshana wakhe noku mangala kwakhe, wathi kuye, “We mshanami! Bambelela kwincwadi yami iAsh-shifaa futhi uyisebenzise ukuthola ukwamukelwa uAllah.”

Ngalendlela uQaadhi Iyaadh wachazela umshana wakhe ukuthi into eyadala ukusondezwa kwakhe kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) incwadi yakhe iAsh-shifaa le ayibhala  egcwele iDurood kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) nezindaba zothando luka Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam).  (Bustaanul Muhadditheen pg. 344)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …