Uthando lwamaSahaabah (radhiyallahu anhum)

Uthando lwamaSahaabah (radhiyallahu anhum)
UJa’far As-Saa-igh (rahimahullah) ubika lokhu okulandelayo:
Phakathi komakhelwane baImaam Ahmed bin Hambal (rahmatullah alayh) kwakunendoda eyayijwayele ukwenza inkohlakalo nezono ezininingi. Ngelinye ilanga lomlisa wafika emhlanganweni kaImaam Ahmed bin Hambal (rahmatullah alayh) wase embingelela ngeSalaam. Noma ngabe uImaam Ahmed waphendula kodwa akamnakanga kunalokho wavele waveza ukunga khulukeki ngokuba khona kwalendoda (ngoba lendoda yayikade idume ngenkohlakalo nezono.
Lendoda yabona ukungakhululeki kukaImaam Ahmed yase ithi, “O ndodana kaAbdullah! yindaba ungakhululeki ngokubakhona kwami? Ukubonkwami iphupho kudale ukuthi ngishintshe, sengiguqukile angisiyena lomuntu omjwayele.” Wase uImaam Ahmed ebuza “Ubone liphi iphupho?”
Lomlisa wase ephendula, “Ngibone URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni lami. Engathi behleli endaweni ephakeme kunabanu abaningi abamzungezile. Umuntu ngamunye besukuma enze iscelo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ukuthi amenzele iDua. Njengoba kade besukuma benza izicelo, URasullulah (sallallahu alayhi wasallam) kade ebenzela iDua, kwaze kwasala mina.
“Nami bengifisa ukuthi ngenze isicelo KuRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi angenzele iDua. kodwa ngazizwa ngihlazekile futhi nginamahloni ngenxa yezenzo zami nemikhuba yami embi. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ebhekisa kimi wabuza, “O sbani bani! Awsukumi ngani ungicele ukuthi ngikwenzele iDua. Ngaphendula, “Ukuba namahloni nokuhlazeke ngenxa yezenzo zami engvimbela ukuthi ngingasukumi.
URasulullah wase ephendula ethi, uma kukutho amahloni nokuhlazeka okukvimbayo ukuthi usukume ungicele ukuthi ngikwenzele iDu’a. Mina ngizokwenzela iDua ngenxa yothando lakho lamaSahaabah ami nokungakhulumi ukubi ngabo.” Ngase ngisukuma URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wangenzela iDua.
“Ngenkathi ngivuka ngazizwa engathi UAllah ufake inzondo enkulu yezono nokunyanya zonke izono ezibi lezi ekade ngizenza.”
Ngenkathi uImaam Ahmed (rahmatullah alayh) ezwa lendaba, wathi kuthina, “O ja’far! O sbani bani! chela abantu loludaba futhi ungalukhohlwi ngoba lunenzuzo nogqozi.”

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …