Indlela EyiSunnah Yokusho IAzaan – 7

16. Uma wenza amakadha amaningi (amaSalaah ongawenzanga ngesikhathi) Kanye Kanye, kuvumelekile ukwenza iAzaan ehlukene yeSalaah eyodwa, futhi kuvumelekile ukuthi wanelise ngeAzaan eyodwa kuwona wonke amaSalaah ozowenza, kepha, ilKaamah kumele yenzelwe wonke amaSalaah.

عن أبي عبيدة بن عبد الله بن مسعود قال قال عبد الله إن المشركين شغلوا رسول الله صلى الله عليه وسلم عن أربع صلوات يوم الخندق حتى ذهب من الليل ما شاء الله فأمر بلالا فأذن ثم أقام فصلى الظهر ثم أقام فصلى العصر ثم أقام فصلى المغرب ثم أقام فصلى العشاء (سنن الترمذي، الرقم: 179)

UHazrat Abu Ubaidah (rahmatullah alayh) ubika ukuthi ubabawakhe, uhazrat Abdullah bin Mas’ood ( radhiyallahu anhu) wathi , “ngosuku lwempi yaseKhandaq (impi lakwembiwa khona imsela emikhulu), amaKuffar (abanga kholwa) babambezela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngokulwa kwaze kwadlula amaSalaah amane futhi kwadlula nenxenye yobusuku. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) walaya uHazrat Bilaal (radhiyallahu anhu) ukuthi asho iAzaan. Emuva kokusho iAzaan uHazrat Bilaal (radhiyallahu anhu) wase esho iIkamaah base benza ikadha yeSalaah yeZuhr. Wase ephinda uBilaal (radhiyallahu anhu) esho iIkamaah benza iSalaah eyikadha yeAsr. Waphinda uHazrat Bilaal (radhiyallahu anhu) washo iIkamaah base benza iSalaah eyikadha yeMaghreb. Ekugcineni uHazrat Bilaal wase esho iIkamaah benza iSalaah yeEsha.”
Isaziso: iSalaah yeEsha ayizange Ibe iKadha kodwa yafundwa kamuva kunesikhathi esijwayekile. Ngalokho-ke iEsha yase ifundwa Kanye namanye amaSalaah angenziwanga ngesikhathi.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …