Izingelosi Ezingamashumi Ayiskhombisa Zibhala Izibisiso Izinsunku Ezyinkulungwane

عن ابن عباس قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من قال جزى الله عنا محمدا صلى الله عليه وسلم بما هو أهله أتعب سبعين كاتبا ألف صباح (حلية الأولياء 3/206، وفي سنده هاني بن المتوكل وهو ضعيف كما في القول البديع صـ 116)

UHazrat Ibnu Abbaas ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu osho leDurood elandelayo, uyokhathaza izingelosi ezingamashumi ayiskhombisa izinsuku ezyinkulungwane.”

جَزٰى اللهُ عَنَّا مُحَمَّدًا صَلّٰى اللهُ عَلَيْهِ وَسَلَّمَ بِمَا هُوَ أَهْلُهُ

UAllah engathi angabusiela uMuhammad (sallallahu alayhi wasallam) ngokufanele.
UKubaluleka Kobusuku Ngaphezu Kwemini
Encwadini ekuthiwa iNuzhatul Majaalis, kubhalwe indaba emangalisayo emayelana nempikwiswano eyenzeka ngokuthi phakathi Kobusuku nemini , okuphi okunobuhle obuningi.
imini yathi kubusuku, “Mina ngimkhulu kunawe. Imithandazo emithathu eyimpoqo eyenziwa kimi kodwa kuwe kwenziwa emibili. Mina nginomzuzu ngosuku lweJumuah lakungekho khona muntu ocela uAllah nomayini ngaphandle kokuthi uAllah uyamnika, futhi ukuzila kweRamadaan kwenziwa kimi. Wena uyiskhathi la abantu belala khona futhi bakhululeka kuso. Kimi kukhona ukuqwasha nomsebenzi, futhi kunezibusiso ezininingi ukwenza umnyakazo. Ilanga livukela kimi futhi lilethe ukukhanya emhlabeni wonke.”
Ubusuku baphendula ngokuthi, “Uma uziqhenya ngaphezu kwelanga, kusho ukuthi mina ngibona izinhliziyo zalaba abasukuma ebusuku bathandaze futhi izinhliziyo zalaba abacabanga ubuhlakani bukaAllah ngokwakha umhlaba ngaphezulu kwelanga. Ungafikela kanjani ebumnandini lobu obuzwiwa abathandanayo uma behleli nami? Ungaziqhathanisa kanjani nobusuku beMiraaj? Unayiphi impendulo kulesilayo sikaAllah kumprofethi wakhe (sallallahu alayhi wasallam) ngenkathi ethi, ‘ futhi kwinxenye yobusuku, yenza iSalaah kuyo ukuze kube isenzo esengeziwe sakho.’ UAllah wadala Mina kuqala kunawe. Kimi kunobusuku ubunamandla la uAllah enikana khona izibusiso ezingabaleki. UAllah uyamemezela kwinxenye eyokugcina yobusuku, ‘Ukhona yini ongicelayo ukuze ngizomnika akudingayo? Ukhona yini odinga intethelelo ukuze ngizomthethelela? Awazi yini ukuthi uAllah wathi, “O wena ozigoqa ngetshali! sukuma (uthandaze) ubusuku bonke, ushiye okuncane! awkaze umuzwe uAllah ethi, ‘ukhazinyulisiwe lo owathatha isithunywa sakhe ngobusuku esisusa eMasjidul Haraam wasisa eMasjidul Aqsa.”‘ (Nuzhatul Majaalis 2/90)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …