UAllah Umemezela Injabulo Yakhe YamaSahaabah (radhiyallahu anhu) ARasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UAllah uthi kwiKuraan Kareem mayelana namaSahabaah (radhiyallahu anhu)

وَالسّٰبِقُونَ الْاَوَّلُونَ مِنَ الْمُهٰجِرِينَ وَالْاَنصَارِ وَالَّذِينَ اتَّبَعُوهُم بِإِحْسَانٍ لا رَضِيَ اللّٰهُ عَنْهُمْ وَرَضُوا عَنْهُ وَاَعَدَّ لَهُمْ جَنّٰتٍ تَجْرِيْ تَحْتَهَا الْأَنْهٰرُ خٰلِدِينَ فِيهَا اَبَدًا  ذٰلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ

Futhi abalandeli bokuqala (kwiIslam) phakathi kwamaMuhajireen (laba abasuka eMakkah baya eMadinah) namaAnsaar (laba abamukela abasuka eMakkah) nalaba ababalandela ngobuhle, uAllah ujabulile ngabo nabo bajabulile ngoAllah. Futhi ubalungisele izingadi ezigobhoza imifula ngaphansi, bayo hlala khona ngunaphakade. Lokho kuyimpumelelo enkulu. 
Loluthando nokuzinikela okungajwayelekile olwenziwa amaSahaabah (radhiyallahu anhu) kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) lingabonakala kalula ngokufakaza kwamaKuffaar alesosikhathi.
Ngenkathi kukhulumwa ngesvumelano saseHudaybiyah, uHazrat Urwa bin Mas’ood (radhiyallahu anhu) isthunywa seKuraish (wagcina eyamukela iIslam) saba nethuba lokubona kahle ukuthi amaSahaabah ayimphatha kanjani uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Ngenkathi ebuyela kubantu bakhe wathi kubona, “O Kuraish! sengike ngaba isthunywa emakhosini amaningi. Ngake ngabona inkantolo kaCeaser, ekaChosroes nekaNegus. Ngiyafunga ngoAllah, Angikaze ngibone abantu eduze kwenkosi noma umphathi wabo behlonipha njengoba ngibone amaSahaabah ehlonipha uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Uma UMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ethifela amathe, bayashesha bathatha amathe ngezandla zabo ngaphambili kokuthi athinte phansi bagcobeam ubuso nomzimba wabo, uma enza isyalo bonke benza njengoba beyaliwe.
Uma enza iWuzu, baya ncintisana ngokuthatha amaconsi amanzi aphume emzimbeni wakhe ngaphambili kokuthi awele phansi. Uma kukhona ongawatholanga lamanzi uyothinta izandla ezimanzi zalo owatholile abesehlikihla izandla zakhe ebusweni bakhe.
“Uma bekhuluma phambili kwakhe, bahlisa izwi labo futhi abambuki ebusweni, ngenxa yokumhlonipha. Unwele oluwele phansi lase khanda noma inchebe liyabekwa lithathwe njengesibusiso futhi bayalibeka ngenhlonipho.
“Ngokufishane angikaze ngibone iqembu labantu elithanda umphathi walo futhi bakhombise inhlonipho njengoba ngabona abalandeli baMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) bakhombisa uthando nenhlonipho.
Engathi uAllah angasinika uthando oluyiqiniso likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam) namaSahabaah (radhiyallahu anhum) futhi asnike amandla okulandela indlela yakhe eyiSunnah ezimpilweni zethu.

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …