Ukwaneliswa kwezidingo Zasemhlabeni Nezakwelizayo Ngokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أنس بن مالك خادم النبي صلى الله عليه وسلم قال: قال النبي صلى الله عليه وسلم: إن أقربكم مني يوم القيامة في كل موطن أكثركم علي صلاة في الدنيا من صلى علي في يوم الجمعة وليلة الجمعة قضى الله له مائة حاجة سبعين من حوائج الآخرة وثلاثين من حوائج الدنيا ثم يوكل الله بذلك ملكا يدخله في قبره كما يدخل عليكم الهدايا يخبرني من صلى علي باسمه ونسبه إلى عشيرته فأثبته عندي في صحيفة بيضاء  (شعب الإيمان، الرقم: 2773، وسنده ضعيف كما في القول البديع صـ 329)

UAnas bin Maaalik (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Phakathi kwenu laba abasho iDurood eniningi kimi kunani ibona abayobe besondele kimi kakhulu ngosuku lokwahlulela ngaso sonke isikhathi. Umuntu osho iDurood kimi ngobusuku beJumuah futhi nangemini yeJumuah, uAllah uzomanelisela izidingo ezingamashumi amakhulu (100); izidingo ezi amshumi ayisthupha ezakwelizayo futhi izidingo ezi amashumi amathathu ezala emhlabeni. Emuva kokuthi ishiwo iDurood, uAllah uyiphathisa ingolosi ezoyiletha kimi ethuneni lami, njengoba nilethelwa izipho. Ingelosi ingazise ngokuthi ubani othumele iDurood ngokusho igama lakhe nomndeni wakhe. ngibe sengiybeke leDurood emqulwini wami omhlophe.
Isaziso: UImaam Bayhaqi (rahmatullah alayh) ubike leHadeeth ngaphansi kwesahluko sokuthi Abaprofethi bayaphila emathuneni abo.
UUmar (radhiyallahu anhu) Edumisa UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
O sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe! UNooh (alayhissalaam) wenza iDua yesqalekiso ngabantu bakhe ethi, “Nkosi yami! ungamshiyi muntu ongakholwa emhlabeni.” ukube wenza iDua yesqalekiso kithi, ngabe akekho phakhathi kwethu owasinda. Abangakholwa babeka amathumbo ekamela ngaphezu komhlane wakho ngenkathi wenza iSajdah. Empini yase Uhud, badala ukuthi ubuso bakho bugcwale igazi futhi bakukhipha nezinyo, kepha awuzange ubaqalekise esikhundleni salokho wanxusa wathi, “O Allah, thethelela abantu bami ngoba abazi.”

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …