Indlela EyiSunnah Yokusho IAzaan – 6

14. Shiya iskhathi esanele phakathi kweAzaan ne ikaamah ukuze abantu bakwazi ukuqela izidingo zabo balungisele iSalaah. kodwa, iSalaah yeMaghreb kumele yenziwe masinyane emuva kweAzaan.

عن جابر رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال لبلال إذا أذنت فترسل وإذا أقمت فاحدر واجعل بين أذانك وإقامتك قدر ما يفرغ الآكل من أكله والشارب من شربه والمعتصر إذا دخل لقضاء حاجته ولا تقوموا حتى تروني (سنن الترمذي، الرقم: 195)

UJaabir (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)wathi kuBilaal (radhiyallahu anhu), “Uma usho iAzaan, uyisho ngeTarassul (ngoku kusho amagama ngokuwadonsa futhi ulinde emuva kwezimbizana), futhi uma usho iIkamaah uyisho ngokushesha, futhi ushiye isikhathi phakathi kweAzaan ne Ikaamah esingangokuthi umuntu angadla ukudla kwakhe asuthe, ophuza isiphuzo akwazi ukuqedela isiphuzo futhi onesdingo sokuzikhulula akwazi ukuzikhulula aqede, futhi ungasukumi ungakangi boni.”
15.Uma usendaweni engaphandle kwedolabha lakungekho khona umuntu ozokwenza naye iSalaah, noma engabe uzoyenza wedwa iSalaah, kumele usho iAzaan neIkaamah. Uma usho iAzaan neIkaamah uphinde wenze iSalaah, izingelosi zenza iSalaah nawe.

عن عقبة بن عامر رضي الله عنه قال سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول يعجب ربك من راعي غنم في رأس شظية الجبل يؤذن بالصلاة ويصلي فيقول الله عز وجل انظروا إلى عبدي هذا يؤذن ويقيم الصلاة يخاف مني قد غفرت لعبدي وأدخلته الجنة (سنن النسائي، الرقم: 666)

UUkbah bin Aamir (radhiyallahu anhu) ubika uthi, “Ngezwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi, ‘UAllah uyajabula uma umuntu olusa izimbuzi nezimvumu eyedwa phezulu ezintabeni, esho iAzaan futhi aphinde enze iSalaah. UAllah uthi, ‘buka lesigqila sami! sisho iAzaan futhi sense neSalaah ngenxa youkungesaba! Ngempela, sengisithethelile isigqila sami futhi ngizosifaka ezulwini.”

عن سلمان الفارسي رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا كان الرجل بأرض قي فحانت الصلاة فليتوضأ فإن لم يجد ماء فليتيمم فإن أقام صلى معه ملكاه وإن أذن وأقام صلى خلفه من جنود الله ما لا يرى طرفاه (الترغيب والترهيب، الرقم: 387)

UHazrat Salmaan Al-Faarsi (radhiyallahu anhu) uthi URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma umuntu eyedwa endaweni, kungene iskhathi seSalaah, kumele enze iWudhu. Uma engawatholi amanzi kumele enze iTayammum. Uma esho iKamaah ngaphambi kokwenza iSalaah, izingelosi ezimbili zenza naye iSalaah, kodwa uma enza uAzaan neIkaamah, Amabutho amakhulu (ezingelosi) zaAllah zenza isalaah emuvakwakhe futhi akubonakali ukuthi ziqala kephi futhi zigcina kephi.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …