UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) enza iDua yentethelelo 

عن عمر بن الخطاب رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: أكثروا الصلاة علي في الليلة الزهراء واليوم الأزهر فإن صلاتكم تعرض علي فأدعو لكم وأستغفر (القربة لابن بشكوال، الرقم: ١٠٧، وسنده ضعيف كما في المقاصد الحسنة، الرقم: ١٤٨)

UHazrat Umar bin Khattaab (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Yandisa ukusho kwakho iDurood kimi ngobusuku obukhanyayo nemini yeJumuah ngoba iDurood yakho yethulwa kimi. Ngise ngikwenzela iDua futhi ngicele uAllah akuthethelele izono zakho.”
UUmar (radhiyallahu anhu) Edumisa UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
O Sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe! ngempela, UAllah wanika uMusa (alayhissalaam) isimangaliso sokwenza imifula iphophoze ematsheni, kodwa lokho akukho ngaphezu kwakho ngoba uAllah wadala ukuthi amanzi aphume eminweni yakho.
O sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe, Uma immoya kade izithoba kuSulaimaan (alayhissalaam) futhi imthutha ekuseni ibanga elihanjwa inyanga nasebusuku, kodwa lokho akumangazi ngaphezu koku nyukela kwakho emazulwini ayiskhombisa kwiBuraak futhi ubeyele eMakkah Mukarramah ekuseni. engathi uAllah angakubusisa!
O sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe! uma uJesu wanikwa isimangaliso sokuvusa abafileyo. Akumangalisi ngaphezu kokuthi imbuzi isikwe yenziwe izicucu iphinde yosiswe futhi ikhulume ikwasie ukuthi ungayidle ngoba iloyiwe.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …