Ubuhle Okukhethekile BamaKhulafa-e-Rashideen

Uthando LaHazrat Abubakr (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) noHazrat Abu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) baqala uhambo labo kusaqala ubusuku. Phakathi nohambo labo, kwesinye isikhathi uHazrat Abu Bakr Siddeeq waye kade ehamba ngaphambili kaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) kwesinye futhi isikhathi ubephinde ahambe emuva kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). Kwesinye isikhathi behamba ehlangothini lwesokudla abuye aphinde ahambe kwesonxele.
Ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ebona lesenzo esingajwayelekile, wabuza, “O Abu Bakr! ngikbona uhamba ngaphambili kwami ngibuye ngikbone uhamba emuva kwami futhi ngibuye ngibone ukuthi uhamba emaceleni ami. Yini edala ukuthi wenze kanje.” UHazrat Abu Bakr (radhiyallahu anhu) waphendula wathi, “Uma emqondweni wami ngizwa engathi isitha sizoqhamuka sikfuna ngemuva, ngiya nyakaza ngihambele emuva kwakho, uma ngizwa engathi isitha sizoqhamuka ngokucathama ngaphambili kwakho ngishona ngaphambili kwakho masinyane. Uma ngizwa engathi isitha sizoqhamuka emaceleni akho ngihambela ngakhona.”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi, “O Abu Bakr! uncamela ukuthi kuhambe impilo yakho ngenxa yami?” UAbu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) wathi, “Nakanjani O sithunywa sikaAllah, ngiyafunga ngalo owakuthuma neqiniso leIslam.”

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …