Indlela Efanelekile Yokuphimisa Amagama EAzaan

Uma usho iAzaan kumele uzame ukuphimisa wonke amagama ngendlela efanele. Ngakho-ke amaphuzo alandelayo abalulekile kumele ehlezi emqoka:
1. Uma uhlabelela اَللهُ أَكْبَرْ اَللهُ أَكْبَرْ, lenhlamvu ewu ر ku اكبر wokuqala ingafundwa ngosukoon (  ْ) ngaphandle kokuyihlanganisa negama u الله (Allahu), noma ngoFa-tha (  َ ) ngokuyhlanganisa egameni u الله (Allahu). Ukuyisho ngenye indlela (ngoDhammah noma uKasrah ) akuhambiselani neSunnah.
2. Uma uhlabelela u اشهد الا اله الا الله , igama u الا (al- laa) kumele ushiwo ngokuvula umlomo. Ngaphezulu kwalokho, uTashdeed ( ّ ) lo oqhamuka kulenhlamvu ewu ل akumele idonswe kakhulu.
Lo sukoon (  ْ ) osenhlamveni u ش (sheen) kumele uphinyiswe kahle ulandelwe u ه (haa). akumele uwshiye uSukoon noHaa ngokuhlanganisa u ه ( haa) no ش (sheen) , uthi “ashadu” ngokungawusho u ه (haa). Kunalokho indlela efanelekile yokusho uthi ” ash-ha-du”.

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 6

13. Ungasenzi isimemezelo sempahla elahlekile eMasjid. عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول …