IDurood Ekalwa Eskalini Eskhulu

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من سره أن يكتال بالمكيال الأوفى إذا صلى علينا أهل البيت فليقل اللهم صل على محمد النبي الأمي وأزواجه أمهات المؤمنين وذريته وأهل بيته كما صليت على آل إبراهيم إنك حميد مجيد  (سنن أبي داود، الرقم: 982، وسكت عليه هو والمنذري في مختصره، الرقم: 981)

UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ofisa ukuthi iDurood yakhe ikalwe eskalini eskala ngokuphelele (ukuze athole isibusiso esiphelele) uma esho IDurood kithi, neAhlul Bayt (umdeni kamprofethi), kumele asho leDurood elandelayo:

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ النَّبِيِّ الْأُمِّيِّ وَأَزْوَاجِهِ أُمَّهَاتِ الْمُؤْمِنِيْنَ وَذُرِّيَّتِهِ وَأَهْلِ بَيْتِهِ كَمَا صَلَّيْتَ عَلٰى آلِ إِبْرَاهِيْمَ إِنَّكَ حَمِيْدٌ مَجِيْدٌ

O Allah! thumela imikhonzo kuRasullulah, umprofethi, abafazi bakhe, omama bamakholwa, inzalo yakhe kanye nomuzi wakhe njengoba wathumela imikhonzo emdenini kaEbrahim (alayhissalaam), ngempela uwe ofanelwe ukudumiswa futhi ophakeme.
Uthando LaHazrat Abubakr (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) noHazrat Abu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) baqala uhambo labo kusaqala ubusuku. Phakathi nohambo labo, kwesinye isikhathi uHazrat Abu Bakr Siddeeq waye kade ehamba ngaphambili kaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) kwesinye futhi isikhathi ubephinde ahambe emuva kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). Kwesinye isikhathi behamba ehlangothini lwesokudla abuye aphinde ahambe kwesonxele.
Ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ebona lesenzo esingajwayelekile, wabuza, “O Abu Bakr! ngikbona uhamba ngaphambili kwami ngibuye ngikbone uhamba emuva kwami futhi ngibuye ngibone ukuthi uhamba emaceleni ami. Yini edala ukuthi wenze kanje.” UHazrat Abu Bakr (radhiyallahu anhu) waphendula wathi, “Uma emqondweni wami ngizwa engathi isitha sizoqhamuka sikfuna ngemuva, ngiya nyakaza ngihambele emuva kwakho, uma ngizwa engathi isitha sizoqhamuka ngokucathama ngaphambili kwakho ngishona ngaphambili kwakho masinyane. Uma ngizwa engathi isitha sizoqhamuka emaceleni akho ngihambela ngakhona.”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi, “O Abu Bakr! uncamela ukuthi kuhambe impilo yakho ngenxa yami?” UAbu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) wathi, “Nakanjani O sithunywa sikaAllah, ngiyafunga ngalo owakuthuma neqiniso leIslam.” (Mustadrak lil Haakim #4268)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …