Izinkanyezi Eziqondisayo Zesizwe

Uthando Olukhulu LikaUmar (radhiyallahu anhu) Nezinkumbulo Zakhe ZikaRasullulah (sallallahu ‘alaihi wasallam).
Ngobunye ubusuku, ngekathi esabusa uUmar (radhiyallahu anhu) enza umsebenzi wakhe wokuba unogada, wabona ukukhanya nomsindo oqhamuka komunye umuzi. Wafica isalukazi siphotha uboya sicula lamazwi alandelayo :

عَلَى مُحَمَّدٍ صَلَاةُ الْأَبْرَارْ ** صَلَّى عَلَيْكَ الْمُصْطَفَوْنَ الْأَخْيَارْ

Engathi izinceku zingaqhubeka zithumele imikhonzo kuRasullulah ( salallahu alayhi wasallam)! engathi lezigqila ezinhle kakhulu nezikhethekile kakhulu zingathumela iDurood kuwe (O Muhammad (sallallahu alayhi wasallam))!

قَدْ كُنْتَ قَوَّامًا بَكِيَّ الْأَسْحَارْ

O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam), wasukuma iskhathi eside ukhonza ubusuku nobusuku futhi wakhala (wenzela isizwe sakho iDua) ngaphambili kokusa njalo.

يَا لَيْتَ شِعْرِي وَالْمَنَايَا أَطْوَارْ ** هَلْ تَجْمَعُنِي وَحَبِيبِي الدَّار

“Ukuba bengazi ukuthi ngizohlanganiswa nesthandwa ( sallallahu alayhi wasallam)sami kwelizayo, ngoba ukufa kuqhamuka ngezindlela ezingafani, futhi angazi ukuthi ngizofa ngayiphi indlela.
Ngokuzwa lamazwi, uUmar (radhiyallahu anhu) wahlala phansi wase eyakhala ngenxa yothando nokukhumbula uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …