Indlela Efanelekile Yokuphimisa Amagama EAzaan – 2

3. Uma uhlabelela u اشهد ان محمد رسول الله, leli Gama u انّ (anna) akumele lidonswe ngaphezulu kokufanele ngokusho u ن (noon) iskhathi eslingana noGhunnah. Ngokufanayo, uTashdeed ( ّ ) lo oqhamuka ku م (meem) no ر (raa) akumele badonswe ngaphezulu kokufanele.

4. Uma uhlabelela u حيّ على الصلاةّّ, uTashdeed ( ّ ) oqhamuka ku ي (yaa) egameni u حيّ (hayya) kumele ushiwo ngokuphelele. U ي akumele ushiwo ngaphandle kwaTashdeed ( ّ ) ngokuthi “haya” esikhundleni sa “hayya”. Ngokufanayo, u ع (ain) egameni u على kumele ucaciswe.

Uma uzoma ekugcineni kwegama u الصلاة (salaah) , u ة (Taa) kumele ushiwo noSukoon ( ْ ) ngaleyondlela kuyophimiseka u ه (haa) . akumele usho u ة (taa) ngokuthi alas salaat.

Ngokufanayo, kumele uqiniseke ukuthi awuphimiseki njengo ح (haa) omkhulu.

5. Uma uhlabelela حي على الفلاح , umazoma egameni الفلاح (falaah), qinisekisa ukuthi u ح ( haa) uphimiswa ngo ح (haa) omkhulu, haayi u ه omncane.

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 6

13. Ungasenzi isimemezelo sempahla elahlekile eMasjid. عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول …