AmaSahaabah Awumothombo Wobuhle Balesizwe

Uthando LaHazrat Zaid bin Dathinah (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

Ngenkathi abangakholwa sebezobulala iSahaabi elikhulu, uHazrat Zaid bin Dathinah (radhiyallahu anhu), bambuza, “Ungajabula ukuthi uMuhammad (sallallahu alayhi wasallam) usendaweni yakho wena ube ukhululekile uhleli nomndeni wakho ?”
Impendulo yakhe ngaphandle kokuphazima kweso wathi, “Ngiyafunga ngoAllah, angikwazi nokubekezela ukuthi mina ngihlale ngikhululeke nomndeni wami kube khona iva elihlaba uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).” Ngokuzwa lamazwi, uAbu Sufyaan wathi, “Alukho uthando emhlabeni elingalinganiswa nothando lamaSahaabah akade ayenalo laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).”

About admin

Check Also

Umuntu Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Isexwayiso Ngokusho AmaHadeeth Asuka KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Abdullah bin Zubayr (radiyallahu anhu) ubika …