IDua Emuva KweAzaan – 3

3. Angashiwo nalamaDu’a alandelayo :

اَللّٰهُمَّ رَبَّ هٰذِهِ الدَّعْوَةِ التَّامَّةِ وَالصَّلَاةِ الْقَائِمَةِ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَأَعْطِهِ سُؤْلَهُ يَوْمَ الْقِيَامَةِ

O Allah! Nkosi yalesimemezelo esiphelele neSalaah esunguliwe! Thumela imikhonzo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) futhi umnike iscelo sakhe (sokucelela indalo yonke intethelelo) ngosuku lokwahlulela.

اللّٰهُمَّ رَبَّ هٰذِهِ الدَّعْوَةِ التَّامَّةِ وَالصَّلَاةِ الْقَائِمَةِ صَلِّ عَلٰى عَبْدِكَ وَرَسُوْلِكَ وَاجْعَلْنَا فِيْ شَفَاعَتِهِ يَوْمَ الْقِيَامَةِ

O Allah! Nkosi yalesimemezelo esiphelele neSalaah esunguliwe! Thumela imikhonzo esgqileni sakho nesthunywa sakho (thumela umusa wakho) futhi usenze phakathi kwalaba abayothola intethelelo yakhe ngosuku lokwahlulela.

اَللّٰهُمَّ رَبَّ هٰذِهِ الدَّعْوَةِ الْقَائِمَةِ وَالصَّلاةِ النَّافِعَةِ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَارْضَ عَنِّيْ رِضَاءً لَا سَخَطَ بَعْدَهُ

O Allah! Nkosi yalesimemezelo esisunguliwe neSalaah ezuzayo! Thumela imikhonzo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) futhi unginike Injabulo emvakokukthi awesome wathukuthela ngami.
Kubikwe kwiHadeeth ukuthi uma umuntu esho leDua edlule emvakwalokho enze iDu’a kuAllah, iDu’a yakhe izokwamukelwa. (Majmauz Zawaaid #1875)

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …