Izingelosi Zithuthelekela Emhlanganweni YeZikr

عن عقبة بن عامر رضي الله عنه قال : قال رسول الله صلى الله عليه وسلم : إن للمساجد أوتادا جلساؤهم الملائكة إن غابوا فقدوهم وإن مرضوا عادوهم وإن رأوهم رحبوا بهم وإن طلبوا حاجة أعانوهم فإذا جلسوا حفت بهم الملائكة من لدن أقدامهم إلى عنان السماء بأيديهم قراطيس الفضة وأقلام الذهب يكتبون الصلاة على النبي صلى الله عليه وسلم ويقولون : اذكروا رحمكم الله زيدوا زادكم الله فإذا استفتحوا الذكر فتحت لهم أبواب السماء واستجيب لهم الدعاء وتطلع عليهم الحور العين وأقبل الله عز وجل عليهم بوجهه ما لم يخوضوا في حديث غيره ويتفرقوا فإذا تفرقوا أقام الزوار يلتمسون حلق الذكر (القربة لابن بشكوال، الرقم: 115، وسنده ضعيف كما في القول البديع صـ 257)

UHadrat Uqbah bin Aamir (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngempela, amaMasaajid anezikhonkwane (abantu abahlezi bezibophezele emaMusjid, bethandaza, njengezikhonkwane uma zishayelwe phansi). Izingelosi zihlezi zihleli nabantu abanje. Uma bengekho eMasjid, izingelosi ziyabakhumbula, uma begula, izingelosi ziyabavakashela, uma izingelosi zibabona ziyabamukela, futhi uma benezidingo, izingelosi ziyabasiza ukuthi bathole izidingo zabo. Uma behlala (eMasjid ukuze benze iZikar ,iDurood ,nanoma okhuphi ukukhubula uAllah), izingelosi Zithuthelekela kubona sukela ezinyaweni ziyofikela esibhakabhakeni. Izingelosi zinamaphepha ayisiliva namapeni ayigolide la bebhala khona iDurood abayithumela kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) (le eshiwo ilabantu). Izingelosi zithi kubona, “Qhubeka nokwenza iZikar yaAllah, Engathi uAllah angakwandisela okuhle!” Uma labantu beqala benza iZikar kaAllah, bavulelwa izicaba zesibhakabhaka, ayamukelwa amaDua abo, babukwa izintombi zaseJannah, futhi uAllah uthumela umusa wakhe okhethekile kubona uma bengakenzi ezinye izinto ngaphandle kweZikar futhi benga hambi. Uma behamba eMasjid izingelosi ziyasukuma zihambe ziyofuna eminye imihlangano.”
Uthando LeSahaabi LaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) 
Ngelinye ilanga iSahaabi lafika kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) labuza, “O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam), linini usuku leQiyaamah (usuku lokwahlulela)” URasullulah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Imaphi amalungiselelo owenzele lelosuku?” leloSahaabi laphendula lathi, “Angisho ukuthi nginamaSalaah amaningi, angizilanga kakhulu futhi anginikeli kakhulu kodwa nginothando likaAllah nomprofethi wakhe (sallallahu alayhi wasallam) enhlizweni yami.” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi, ” Ngempela, ngosuku lokwahlulela umuntu uyoba nabantu abathandayo.”
UAnas (radhiyallahu anhu) uthi, “Ayikho into eyajabulisa amaSahaabah njengalamazwi aRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)”.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …