Abantu Abahleli Emhlanganweni YeDurood Bazungezwa Umusa KaAllah

عن أنس رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال: إن لله سيارة من الملائكة يطلبون حلق الذكر فإذا أتوا عليهم حفوا بهم ثم بعثوا رائدهم إلى السماء إلى رب العزة تبارك وتعالى فيقولون ربنا أتينا على عباد من عبادك يعظمون آلاءك ويتلون كتابك ويصلون على نبيك صلى الله عليه وسلم ويسئلونك لآخرتهم وديناهم فيقول تبارك وتعالى: غشوهم رحمتي فيقولون يا رب إن فيهم فلانا الخطاء إنما اغتبقهم اغتباقا فيقول تبارك وتعالى: غشوهم رحمتي فهم الجلساء لا يشقى بهم جليسهم (مسند البزار، الرقم: 6494 وسنده حسن كما في القول البديع صـ 267)

UHazrat Anas (radhiyallahu anhu)ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Kuneqembu lezingilosi ezizula umhlaba, zifuna imihlangano yeZikr (imihlangano lakuthathwa khona igama likaAllah). Uma zithola leyomhlangano, ziyawu zungeza. Emvakwalokho, zithumela izingelosi ezinye ukuthi ziyobika (kuAllah). Lezingilosi zithi kuAllah, “O Nkosi yethu! Sifekele kwiqembu lezigqila zakho ezibona izibusiso zakho njenge zibusiso ezinkulu kubona, bafunda ibhuku lakho, bathumela iDurood kumprofethi wakho futhi bacela wena izidingo zabo ezimayelana nakwelizayo nomhlaba.” UAllah uphendul athi,”Bazungeze ngomusa wami.” Izingelosi zithi, “O Nkosi yethu! Phakathi kwabo kukhona usbanibani nosbanibani, oyisoni esikhulu futhi ufike sekuphela umhlangano.” UAllah athi “Zungeza bonke abantu abakulowomhlangano (naye futhi) ngomusa wami, ngoba abantu abakulowomhlangano basesimweni sokuthi akekho umuntu ohlala nabo oyokhiswa noma aphuthelwe umusa wami.
Uthando LukaHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ngeskhathi seHudaibiya, ngenkathi abangakholwa banqabela amaMuslim ukuthi angene eMakkah Mukarramah ukuze enze iUmrah (uhambo oluncwele), uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) wathunywa uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi ahambe ayobonisana neqembu leKuraish eMakkah Mukarramah.
Ngenkathi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) ehambile eye eMakkah Mukarramah, amanye amaSahaabah (radhiyallahu anhum) ayekade enomona ngaye ngokuthi uzokwazi ukwenza iTawaaf (ukuzungenza) yendlu kaAllah. Kodwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Angiboni ukuthi uyofisa ukwenza iTawaaf ngaphandle kwami.”
Ngenkathi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) engena eMakkah Mukarramah, uAbaan bin Sa’eed wamthatha wathi uyena ozomvikela, wase ethi kuye, “Usungahamba uye noma ikuphi la othanda ukuya khona, akekho ozokuthinta la.
UHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) wahamba wayokwenza izingxoxo noAbu Sufyaan nezinye izinduna zaseMakkah Mukarramah njengoba wayekade ethunyiwe uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngekathi esezobuya, iKuraish ngokwayo yase ithi kuye, “Njengoba usukhona la eMakkah Mukarramah, usungayenza iTawaaf ngaphambili kokuthi ubuyele emuva.” Kepha-ke uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) waphendula wathi, “Kungenzeka kanjani ukuthi mina ngenze iTawaaf ( Ngaphandle kamprofethi (sallallahu alayhi wasallam))?”
Lempendulo ayizange ibe yinhle kwiKuraish base bembopha uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) eMakkah Mukarramah. Udaba lafika KumaMuslim ukuthi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) ubulewe.
Ngenkathi loludaba lufika kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam). Wase uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathatha isithembiso kumaSahabaah ukuthi bazolwa kuze kuphele wonke amagazi abo.
Ngenkathi iKuraish izwa lokhu yavele yesaba yase imdedela uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu).
Kulesenzakalo siyabona uthando ayekade enalo uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam), ukuthi akazange ayenze iTawaaf ngaphandle kwaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam ).

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …