Isimo Esibi Somuntu Othuka AmaSahaabah (radhiyallahu anhum)

Uthando Olukhulu LamaSahaabah (radhiyallahu anhum) LikaRasulullah 

kwake kwafika umuntu kuRasullulah wathi kuye, “O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)! Ngendlela engikuthanda ngayo, uma ngicabanga ngawe ayikho into engipholisa inhliziyo ngaphandle kokuthi ngikubone. O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)! ngihlezi ngicabanga ukuthi uma uAllah engfaka ezulwini, kuzoba nzima ukuthi ngikbone ngenxa yesikhundla oyobe unikwe sona, lesi ekuyoba nzima ukuthi ngifikele kuso(ngiyohlala kanjani ngaphandle kwakho?).”
UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wamthoba inhliziyo ngokufunda lelivesi elilandelayo, emphendula:

وَمَنۡ یُّطِعِ اللّٰه وَالرَّسُوۡلَ فَاُولٰئِك مَعَ الَّذِیۡنَ اَنۡعَمَ اللّٰه عَلَیۡهم مِّنَ النَّبِیّينَ وَالصِّدِّیۡقِیۡنَ وَالشُّهدَاءِ وَالصّٰلِحِیۡنَ وَحَسُنَ اُولٰئِکَ رَفِیقًا

Laba abalalela imithetho kaAllah nesthunywa sakhe bayohlala nalaba abayobe benomusa kaAllah, izithunywa, abaneqiniso, abafe endleleni kaAllah nabalungile. kwaze kwakuhle ukuhlalisana nabantu abanje.

About admin

Check Also

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Udumisa Usa’d (radiyallahu anhu)

Ukugxila KukaHadrat Hadrat Sa’d (radiyallahu anhu) KwiImaan UAbu Uthmaan (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Sa’d …