Umuntu Oncishana Ngempela

عن حسين بن علي بن أبي طالب قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: البخيل الذي من ذكرت عنده فلم يصل علي (سنن الترمذي، الرقم: 3546، وقال هذا حديث حسن صحيح غريب)

UHazrat Husain (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu oncishana ngempela ilo uma kuthathawa igama lami akayisho iDurood kimi.”
UHazrat Ummu Sulaym (radhiyallahu anha) Nomjuluko KaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam)
UHazrat Ummu Sulaym (radhiyallahu anha) ubika ukuthi wake wavakashelwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase walala kwakhe emini, ukuze aphumule kancane. Ngenkathi elele waqala wajuluka uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ubika ukuthi wathatha ibhodlela elincane wase eqoqa umjuluko kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). Ngenkathi evuka uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wabuza ukuthi wenzani, wase echazela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi uqoqa umjuluko wakhe ngoba alikho iphunga elalincono kunomjuluko wakhe. UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wamvumela ukuthi enze njalo akamvimbanga. (Saheeh Muslim #2332)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …