Ukuvikelwa kwamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Emlilweni Wasesihogweni

UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud 

UHazrat Zubair bin Awwaam (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi kuyimpi yaseUhud, uRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) wagqoka izembatho zempi ezimbili.
Phakathi nempi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wafisa ukugibela enye imbokodo kodwa ngenxa yesindo sezembatho ayekade ezigqokile wehluleka. Wacela uHazrat Talha (radhiyallahu anhu) ukuthi akahlale phansi ukuze azobambelela kuye ukuze agibele phezu kwalembokodo.
UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) wase ehlala phansi ngokushesha, wasiza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi agibele phezulu kwalembokodo.
UHazrat Zubair (radhiyallahu anhu) uthi wezwa uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi ngalesosikhathi, ” Sekuphoqelekile ukuthi uTalha ayithole” (ukuthi athole iJannah).
Empini YaseUhud UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wahambisana noTalha (sallallahu alayhi wasallam) futhi wayekade emvikela. Njalo uma amaSahaabah eyekade ekhuluma ngosuku lempi YaseUhud eyekade ethi lelosuku kwakuwusuku likaTalha.
UTalha (radhiyallahu anhu) wavikela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngomzimba wakhe. Waba namanxeba adlula amashumi ayisishagalombili emzimbeni wakhe. Kepha-ke akasukanga phambili kwaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) futhi noma engabe kwakhubazeka isandla sakhe ngenxa yamanxeba amaningi.

About admin

Check Also

Isikhundla Esiphakheme SamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Lawa Abamba Iqhaza EHudaibiya

Ubuqhawe BukaAli (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud  Ngenkathi kuyimpi yaseUhud amaSahaabah amaningi ahlaselwa abulawa amaKuffar (abangakholwa). …