Uphawu Lomkhuba Omubi Nokungabongi

عن قتادة قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من الجفاء أن أذكر عند الرجل فلا يصلي علي (الإعلام بفضل الصلاة على النبي صلى الله عليه وسلم للنميري، الرقم: 209، ورواته ثقات كما في القول البديع صـ 311)

UHazrat Qataadah (rahmatullah alayh) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Kuwuphawu lomuntu onomkhuba omubi (futhi nokungabongi) uma kuthathawa igama lami ekhona kodwa angayi thumeli iDurood kimi .”
UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) Ehlezi Ezibophezele Emhlanganweni KaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam)
UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) uyiSahaabi elidumile likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam). Alikho elinye iSahaabi elasho amaHadeeth amaningi njengaye. Wamukela iIslam kunyaka 7 A.H wase eshona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngonyaka 11 A.H. Wahlala noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) iminyaka emine kuphela. Abantu babe kade mangale ngokuthi waye kade ekwazi ukukhumbula amaHadeeth amaningi ngekhanda eskhathini esincane kanje.
Uzichazela yena ngokwakhe ethi :
Abantu bayazibuza ukuthi ngiwazi kanjani amaHadeeth amaningi kanje. Eqinisweni ukuthi abafowethu bami abaMuhaajir babe jwayele ukuba matasa ngokudayisa futhi abafowethu bami bamaAnsaar babe kade bematasa nokulima, mina ngalesosikhathi ngangihlezi nginoRasulllullah (sallallahu alayhi wasallam). Ngangihlala nabantu beSuffah (indawo eyayiphakeme eMasjid kaRasullulah, ekade ihlala abantu abahluphekile). Angizikhathazanga ngokwenza imali yokuziphilisa kunalokho ngahlezi ngizibophezele kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam), ngijabuliswa inoma ikuphi ukudla okuncane ekade nginikwa. Ngangijwayele ukuba noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngezikathi la kungekho khona muntu. Ngake ngakhalaza kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ngenxa yokungakwazi ukubamba izinto ngomqondo. Wase ethi kimi, “Ndlala itshali lakho.” Ngenza njalo ngokushesha. Wase ebhala ngezandla zakhe ezibusisiwe etshalini lami wase ethi, “Zimbathise ngalo lelitshali manje.” Ngase ngizimbathisa ngalo esifubeni. Sukela lapho angikaze ngikhohlwe lutho ekade ngifisa ukuyikhumbula. (Saheeh Bukhaari #2047)

About admin

Check Also

Umphumela womhlangano Onganayo Izikar NeDurood

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: ما اجتمع …