Ukushiya Isenzo Esikuholela EJannah

عن حسين بن علي رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من ذكرت عنده فخطىء الصلاة علي خطىء طريق الجنة (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: 2887، وقال المناوي في فيض القدير (٦/232) تحت حديث من نسي الصلاة علي خطئ طريق الجنة:  لكن انتصر له ابن الملقن فقال: حديث ضعيف لكنه تقوى بما رواه الطبراني عن الحسن بن علي مرفوعا: من ذكرت عنده فخطئ الصلاة علي خطئ طريق الجنة،  وتبعه الحافظ ابن حجر فقال: خرجه ابن ماجه عن ابن عباس والبيهقي في الشعب عن أبي هريرة والطبراني عن الحسين بن علي قال: وهذه الطرق يشد بعضها بعضا)

UHazrat Husain bin Ali (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu ongayithumeli iDurood uma kuthathawa igama lami ekhona, ushiya isenzo esingamholela eJannah.”
UHazrat Abu Ubaidah ( radhiyallahu anhu) Uncamela Amazinyo Akhe Ngenxa KaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam)
Ngenkathi kuyimpi yaseUhud, izitha zahlasela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kanzi ma kabi, okwadala ukuthi izinsimbi ezimbili ezazisesgqokeni sakhe sokuzivikela zangena ebusweni bakhe.
UHazrat Abu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) noHazrat Abu Ubaidah (radhiyallahu anhu) bagijima ngokushesha beyosiza uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam). UHazrat Abu Ubaidah ( radhiyallahu anhu) waqala ukudonsa izinsimbi ngamazinyo akhe. Ngenkathi esaqeda ukukhipha insimbi eyodwa, waye kade esephunyelwe izinyo elilodwa. Ngokungazisoli ngokulahlekelwa izinyo lakhe, waphinda wasebenzisa amazinyo akhe ngokudonsa lenye insimbi. Waphumelela ngokuyidonsa kodwa ngokwenza njalo wase elahlekelwa elinye futhi izinyo.
Ngenkathi seziphumile izinsimbi, laqala igazi lachitheka lisuka emzimbeni obusisekile kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). UMaalik bin Sinaan, ubaba kaHadrat Abu Saeed Khudri (radhiyallahu anhuma) walikhotha igazi ngezindebe zakhe. Ngokubona lokhu, uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umlilo wasesihogweni awkwazi ukuthinta umuntu onegazi elixubwe nelami.

About admin

Check Also

Umphumela womhlangano Onganayo Izikar NeDurood

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: ما اجتمع …