Isikhundla Esiphakheme SamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Lawa Abamba Iqhaza EHudaibiya

Ubuqhawe BukaAli (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud 

Ngenkathi kuyimpi yaseUhud amaSahaabah amaningi ahlaselwa abulawa amaKuffar (abangakholwa). URasullulah (sallallahu alayhi wasallam) waye kade elimele ezungezwe izitha. Ngalesosikhathi, kwabakhona amahemuhemu ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ubulewe. Ngokuzwa lamahemuhemu angesilona iqiniso amaSahaabah (radhiyallahu anhum) alahlekelwa umdlandla wokulwa agcwala usizi.
UHazrat Ali (radhiyallahu anhu) uthi : “Sasizungezwe izitha, ngingakwazi ukumbona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Ngaqala ngamfuna kwabaphilayo ngase ngimfuna kwabafile kodwa angimtholanga, ngasengizitshela ukuthi akukwazi ukuthi angabaleka empini. Kucacile ukuthi uAllah uthukuthele ngathi ngenxa yezono zethu wase emkhuphula wamusa emazulwini. Ayikho into encono esele kimi ngaphandle kokuthi ngiziphose empini ngilwe ngize ngibulawe.’
” Ngaqala ngahlasela izitha, zaze zaqala ukubaleka. Iso lami lase liwela kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) empini. Ngokumbona ngagcwala injabulo. Ngabona ukuthi uAllah kade emvikela ngezingelosi zakhe. Ngase ngiya kuye ngama eceleni kwakhe. Akuphelanga iskhashana kwasondela iqembu lezitha lihlasela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kumina, ‘O Ali, Iya kubona ubasuse! Ngalwa nabo ngingedwa, ngibulala abambalwa. Emvakwalokho, kwasondela elinye futhi iqembu. Wamemeza futhi, ‘O Ali, hamba uye kubona ubasuse!’ Ngase ngilwa nalelo qembu ngingedwa futhi laze labaleka.”
kwakungalesosikhathi kuqhamuka ingelosi uJibreel (alayhis salaam ) yeza kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) yancoma uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) ngobuqhawe nokuzinikela kwakhe kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam). URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi,

انه منى وانا منه

UAli (radhiyallahu anhu) uyinxenye yami futhi nami ngiyinxenye yakhe. (sisuka emndenini owodwa futhi ubudlewane bethu busondelene).
Ngalokho-ke, uJibreel (alayhis salaam) wase ethi,

و انا منكما

“Mina ngiyinxenye yenu nobabili”
Buka ubuqhawe bukaAli (radhiyallahu anhu)! ngenkathi ethunywa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi akasuse izitha, waziphosa yedwa ezitheni walwa ngobuqhawe ukuze avikele uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ezitheni ezazifuna ukumhlasela. Lokhu kukhombisa uthando nokuzinikela kwakhe kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam).

About admin

Check Also

Ukuvikelwa kwamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Emlilweni Wasesihogweni

UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud  UHazrat Zubair bin Awwaam (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi …