Umphumela womhlangano Onganayo Izikar NeDurood

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: ما اجتمع قوم ثم تفرقوا عن غير ذكر الله وصلاة على النبي صلى الله عليه وسلم إلا قاموا عن أنتن جيفة (مسند أبي داود الطيالسي، الرقم: ١٨٦٣، ورواته ثقات كما في إتحاف الخيرة المهرة، الرقم: ٦٠٦٢)

UJaabir (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma iqembu labantu lihlangana emvakwalokho uphele umhlangano bahambe ngaphandle kokukhumbula uAllah noma ukuthumela iDurood kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) kulowomhlangano, kufana nokuthi bahlanga endaweni la kunesdumbu esinephunga elibi base bahamba (Kuchaza ukuthi umhlangano ongenayo Izikar NeDurood inecala efaniswa nesdumbu esinukayo lesi abantu abangafuni ukusisondela). 
UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud 
UHazrat Zubair bin Awwaam (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi kuyimpi yaseUhud, uRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) wagqoka izembatho zempi ezimbili.
Phakathi nempi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wafisa ukugibela enye imbokodo kodwa ngenxa yesindo sezembatho ayekade ezigqokile wehluleka. Wacela uHazrat Talha (radhiyallahu anhu) ukuthi akahlale phansi ukuze azobambelela kuye ukuze agibele phezu kwalembokodo.
UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) wase ehlala phansi ngokushesha, wasiza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi agibele phezulu kwalembokodo.
UHazrat Zubair (radhiyallahu anhu) uthi wezwa uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi ngalesosikhathi, ” Sekuphoqelekile ukuthi uTalha ayithole” (ukuthi athole iJannah).
Empini YaseUhud UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wahambisana noTalha (sallallahu alayhi wasallam) futhi wayekade emvikela. Njalo uma amaSahaabah eyekade ekhuluma ngosuku lempi YaseUhud eyekade ethi lelosuku kwakuwusuku likaTalha.
UTalha (radhiyallahu anhu) wavikela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngomzimba wakhe. Waba namanxeba adlula amashumi ayisishagalombili emzimbeni wakhe. Kepha-ke akasukanga phambili kwaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam) futhi noma engabe kwakhubazeka isandla sakhe ngenxa yamanxeba amaningi.

About admin

Check Also

Uphawu Lomkhuba Omubi Nokungabongi

عن قتادة قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من الجفاء أن أذكر عند …