Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam

Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain (radiallahu anhu) wase ebuza, ” O mzukulu kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), uthini umbono wakho ngoHadrat Uthmaan (radiallahu anhu)?” Ngokbona ukungajabuli kwakhe ngoUthmaan (radiallahu anhu), uZainul Aabideen (radiallahu anhu) wase emchazela kahle, kunamaqembu amaMuslim amathathu ekukhulumwa ngawo kwiKuraan (AmaAnsaar, amaMuhajireen nalaba abafika kamuva balandela izenzo ezilungile zamaMuhajireen namaAnsaar). Wase embuza, “Wemfowethu, usuka kuleliqembu lokuqala (amaMuhajireen ) uAllah akhuluma ngalo kulelivsei elilandelayo kwiKuraan Majeed :

لِلفُقَراءِ المُهٰجِرينَ الَّذينَ أُخرِجوا مِن دِيارِهِم وَأَموالِهِم يَبتَغونَ فَضلًا مِنَ اللَّهِ وَرِضوانًا وَيَنصُرونَ اللَّهَ وَرَسولَهُ أُولٰئِكَ هُمُ الصّٰدِقونَ ‎﴿٨﴾‏

(kunexenye yomcebo) yamaMuhajireen ampofu lawa akhishwa ezindlini zawo nempahla yabo (laba abenza uhambo baya eMadina ngenxa) yokufuna izibusiso nenjabulo kaAllah beseka iDeen (inkolo) yeIslam nomprofethi wakhe, yibo abaneqiniso.
Lomuntu waphendula wathi, “Cha, angisuki kumaMuhajireen!” uHadrat Zainul Abideen wase ethi, “Uma ungasuki kwiqembu lokuqala ekukhulumwa ngalo kuleAyaah (ivesi) usuka kwiqembu lesibili (lamaAnsaar) leli uAllah akhuluma ngalo kuleli vesi elilandelayo :

وَالَّذينَ تَبَوَّءُو الدّارَ وَالإيمانَ مِن قَبلِهِم يُحِبّونَ مَن هاجَرَ إِلَيهِم وَلا يَجِدونَ فى صُدورِهِم حاجَةً مِمّا أوتوا وَيُؤثِرونَ عَلىٰ أَنفُسِهِم وَلَو كانَ بِهِم خَصاصَةٌ وَمَن يوقَ شُحَّ نَفسِهِ فَأُولٰئِكَ هُمُ المُفلِحونَ ‎﴿٩﴾‏

Futhi (kunexenye yomcebo) yalaba abahlala eMadinah baletha iImaan (bakholwa) ngaphambili kwabo (amaMuhajireen lawa enza uhambo aya eMadinah). Banothando lalaba abenza uhambo oluyakubona, futhi abanamona ezinhlizweni zabo ngomcebo owanikwa amaMuhajireen, kepha kunalokho bakhetha amaMuhajireen ngaphezu kwabo, noma engabe bahluphekile. Futhi umuntu ovikeleke ekuhaleni komphefumulo wakhe – yibo laba abaphumelele.
Lomuntu wase ephendulaethi, “Angisuki ngisho nakumaAnsaar” uHadrat Zainul Abideen wase ethi, “Ngiyafunga ngoAllah, uma ungekho kuleliqembu lesithathu uAllah akhuluma ngalo kulelivsei elilandelayo, ngempela uphumile kwinkolo yeIslam (ngoba awsuki kulamaqembu amathathu amaMuslim) iqembu lesithathu uAllah akhuluma ngalo uthi :

وَالَّذينَ جاءو مِن بَعدِهِم يَقولونَ رَبَّنَا اغفِر لَنا وَلِإِخوانِنَا الَّذينَ سَبَقونا بِالإيمانِ وَلا تَجعَل فى قُلوبِنا غِلًّا لِلَّذينَ اٰمَنوا رَبَّنا إِنَّكَ رَءوفٌ رَحيمٌ ‎﴿١٠﴾‏

Laba abafika emvakwabo (emva kwamaMuhajireen namaAnsaar) bethi (benzela amaMuhajireen namaAnsaar iDua), ” O nkosi yethu, sithethelele nabafowethu abaletha iImaan ngaphambilini kunathi futhi ungashiyi inzondo yamakholwa kwinhliziyo zethu. O Nkosi! Uwe ogcwele umusa uwe onesihawu.”

About admin

Check Also

Ukuvikelwa kwamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Emlilweni Wasesihogweni

UHazrat Talha (radhiyallahu anhu) Empini YaseUhud  UHazrat Zubair bin Awwaam (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi …