URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ukhuluma NgeKhilaafa (ukubusa) KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu)

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Evikela URasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waye kade enza iSalaah eduze kweKa’bah, uUqbah bin Abi Muit omunye wabaholi beqembu leKuraish owayekade ekhohlakele kakhulu wasondela kuye ngenhloso yokumlimaza.
Ngenkathi esesondele KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) uUqbah wakhipha itshali lakhe waligoqa emqaleni (kaRasullullah) wase emklinya ngalo.
Ngenkathi UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) ezwa ngalokho washesha waya endaweni yesigameko ukuze avikele uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Wafike wabamba uUqbah bin Abi Muit emahlombe wamsusa KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wase esho lamazwi alandelayo ehlambalaza uUqbah

اَتَقۡتُلُوۡنَ رَجُلًا اَنۡ یَّقُوۡلَ رَبِّیَ اللّه وَقَدۡ جَآءَکُمۡ بِالۡبَیِّنٰتِ مِنۡ رَّبِّکُمۡ

Nifisa ukubulala umuntu ngenxa yokuthi umemezela ukuthi inkosi yakhe uAllah futhi ulethe izimpawu ezicacile ezisuka enkosini yenu?

About admin

Check Also

Ofanelekile Kakhulu Ukuhola Abantu KwiSalaah

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) – Umfanekiso Womusa Nobuhle Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) …