Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 1

  1. Ukwenza iWudhu endlini ube usuhamba phansi uye eMasjid kuyindlela Yokuthi kube intethelelo yezono zomuntu nokukhuphulwa kwesikhundla sakhe.

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من تطهر في بيته ثم مشى إلى بيت من بيوت الله ليقضي فريضة من فرائض الله كانت خطواته إحداهما تحط خطيئة والأخرى ترفع درجة (صحيح مسلم، الرقم: 666)

UHadrat Abu Hurairah (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Noma ubani owenza iWudhu endlini ebese ehamba phansi eye endlini eyodwa ezindlini zikaAllah ukuze afeze umthetho kaAllah, uma ethatha isinyathelo esisodwa uthethelewa isono esisodwa futhi uma ethatha esinye isinyathelo ukhuphulwa iskhundla esingaphezulu.” 
  2. Abaya eMasjid bayizivakashi zikaAllah.

عن عمرو بن ميمون عن عمر رضي الله عنه قال المساجد بيوت الله في الأرض وحق على المزور أن يكرم زائره (المصنف لابن أبي شيبة، الرقم: 35758)

UHadrat Amr bin Maimoon (rahmatullah alayhi) ubika ukuthi uHadrat Umar (radiallahu anhu) wathi, “AmaMasjid ayizindlu zikaAllah emhlabeni, futhi umnini wendlu uthatha umthawalo wokuphana nokuhlonipha lo omvakashele.”

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 2

3. Abantu abazijwayeza iMasjid banikwa isikhundla esisondele kuAllah futhi bayizigqila ezikhethekile kuAllah. عن أنس بن …