Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 2

3. Abantu abazijwayeza iMasjid banikwa isikhundla esisondele kuAllah futhi bayizigqila ezikhethekile kuAllah.

عن أنس بن مالك رضي الله عنه قال سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول إن عمار بيوت الله هم أهل الله عز وجل (مجمع الزوائد، الرقم: 2030)

UHadrat Anas (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Abantu abazijwayeza iMasjid njalo yibona kuphela abawumdeni (izigqila ezikhethekile) kaAllah.”
  4. Ukuzijwayeza iMasjid kuyindlela yokuphepha kweImaan nenkolo.

عن معاذ بن جبل رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال إن الشيطان ذئب الإنسان كذئب الغنم يأخذ الشاة القاصية والناحية فإياكم والشعاب وعليكم بالجماعة والعامة والمسجد (الترغيب والترهيب، الرقم: 499)

UHadrat Muazz bin Jabal (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi,” Ngempela usathane uyimpisi yomuntu (uzingela umuntu), njengoba impisi izingela imbuzi ehamba yodwa eshiye umhlambi wayo. Gwema ukuhlala ngokuzihlukanisa emihosheni (nemibono yokuzihlukanisa) futhi ubambelele ngokuqinisa kuyiAhlus Sunnah Waljamaah nokuzibandakanya neningi leUmmah (isizwe) nokuzijwayeza iMasjid.”

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 1

  1. Ukwenza iWudhu endlini ube usuhamba phansi uye eMasjid kuyindlela Yokuthi kube intethelelo yezono …