Ukubhala IDurood Uma Ubhala Igama Elibusisekile LikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

عن أبي هريرة قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي في كتاب لم تزل الملائكة تستغفر له ما دام اسمي في ذلك الكتاب (المعجم الأوسط للطبراني، الرقم: 1835، وسنده ضعيف كما في كشف الخفاء، الرقم: 2518)

UHadrat Abu Hurairah (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Umuntu othumela iDurood kimi ngokubhala iDurood encwadini, izingilosi ziyaqhubeka zimcelele intethelelo uma igama lami lisabhaliwe kuleyo ncwadi.”
Injabulo KaHadrat Umar (radiallahu anhu)
UHadrat Umar (radiallahu anhu) wake wathi kuHadrat Abbaas (radiallahu anhu) (umalume kaRasullullah) “Ukungena kwakho kwiIslaam kwangijabulisa kakhulu kunokungena kukababa wami KwiIslaam, ngoba ukungena kwakho kwiIslaam kwaletha injabulo enkulu KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kunokungena kukababa wami KwiIslaam.”

About admin

Check Also

Intethelelo Yezono Zeminyaka Ewu (80) Futhi Nokubhalelwa Ukukhonza kweminyaka Ewu (80) Ngokusho IDurood Ewu (80) Ngolwesihlanu

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …