14. Emvakoku funda iSurah Faatiha, kumele usho u”Aameen” ngezwi eliphansi noma ngabe iSalaah uyenza wedwa noma ulandela iImaam (umfundisi).
15. Uma uqala ukusho iSurah emva kokusho iSurah Faatiha kumele usho iTasmiyah ngezwi eliphansi ngaphambili kokuthi uqale usho iSurah.
Isaziso: iTa’awuuz neTasmiyah iyoshiwo umuntu owenza iSalaah yedwa neImaam kuphela. Umuntu owenza iSalaah yakhe elandela iImaam angeke aze ayisho iTa’awuuz neTasmiyah. Kunalokho emva kokusho isana, umuntu olandela iImaam uzohlale ethule emva kweImaam iskhathi sonke kwiQiyaam (esimweni sokuma). Kuyi Makrooh-e-Tahreemi (akuvumelekile) ukuthi iMuktadi (umuntu olandela iImaam) asho nanoma eyiphi iSurah (noma ngabe iSurah Faatiha noma eyiphi iSurah) emva kweImaam.
16. Uma wenza amaRakaat awu (3) noma awu (4) ayiFardi (ayimpoqo), kumele uma wenza iRakaat yesithathu noma eyesine uzofunda iSurah Faatiha kuphela, akumele usho enye iSurah emvakwalokho.
KwiRakaat yesithathu neyesine yeFard, iSurah Faatiha iyoshiwo iImaam nomuntu owenza iSalaah yedwa (iMunfarid). IMuqtadi (umuntu olandela iImaam) kumele ithule futhi ingasho lutho kuwona wonke amaRakaat.
17. Uma wenza iSalaah eyiSunnah noma eyiNafil, uzofunda iSurah Faatiha neSurah kuwo wonke amaRakaat noma ngabe wenza amaRakaat amabili noma amane.