UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Ufunda ISalaah Nqo KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Izinsolo Zabanye Abantu BaseKufa

Ngonyaka wesi 21 A.H, kwafika abanye abantu BaseKufa bakhalaza kuHadrat Umar ngokuthi uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) akayenzi iSalaah ngendlela efanelekile. Ngaleyonkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) waye kade emqokile uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ukuthi abe umholi waseKufa.

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase wacela ukuthi kubizwe uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu). Ngenkathi efika wakhuluma naye ngenhlonipho enkulu kakhulu,ethi kuye, “O Abu Ishaak! (elinye igama ekade ebizwa ngalo) abantu bathi iSalaah awuyenzi ngendlela efanelekile.”

UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “Ngifunga ngoAllah ukuthi ngibenzela iSalaah ngendlela eyenziwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngaphandle kokushiya lutho.” UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wase echaza indlela ayenza ngayo iSalaah ethi, “Uma ngibahola kwiSalaah yeEsha ngenza laRakaat amabili okuqala abemade bese lawa amabili alandelayo ngiwenze abamafishane (Ngendlela kade kweziwa uRasullullah).” UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ethi “Nami kade ngicabanga ukuthi wenza njalo.”

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ethi kuHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) akaphindele eKufa ehamba nabanye ukuze beyophenya ngalezinsolo kade zishiwo abantu. Labantu abathunyelwa uHadrat Umar (radiyallahu anhu) bahamba wonke amaMusjid bebuza abantu bakhona ngoHadrat Sa’d (radiyallahu anhu). Ngenkathi bebuzwa kade kungekho into abangayisho ngaphandle kokumdumisa ngakho konke lokhu okuhle wakwenza.

Ekugcineni bafika kwenye iMusjid ekade isendaweni yeqembu leBanu Abs. La kade kukhona umlisa ekuthiwa uUsamah bin Katadah, wasukuma wathi, “Ngoba ningibuza ngoHadrat Sa’d (radiyallahu anhu), kunezikhalazo ezintathu ngaye, (1) Akaphumi nebutho uma liyolwa endleleni kaAllah, (2) Akawuhlukanisi umcebo ngendlela efanelekile nokulingana. (3 )futhi imibono nezinqumo zakhe azinakho ubulungiswa.”

Ngenkathi uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ezwa lezinsolo zamanga waphendula wathi,”Ngiyafunga ngoAllah! Ngizikwenzela amaDu’a amathathu (ngizokuqalekisa uma uqamba amanga) – O Allah! uma lesgqila sakho sikhuluma amanga sisukumela ukuthi sidumiswe nokubukwa, (1) andisa impilo yakhe, (2) uwandise ukuhlupheka kwakhe, (3) futhi umgxilise kwizivivinyo.” Kamuva ngenkathi abantu bembuza uUsama bin Kataadah ngesimo sakhe, kade ejwayele ukuphendula athi, sengigugile futhi ngibhekene nezivivinyo konke lokhu kungenxa yesiqalekiso sikaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu).

Omunye wabalanda lendaba uAbdul Maalik, uthi, “Ngambona (uUsamah bin Katadah) esegugile. Amashiya akhe emile aze adlula amehlo akhe ngenxa yokuguga kepha kade esathanda ukuhlupha izigqila zamantombazana ngokuzncinza.

About admin

Check Also

URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) Wenzela UHadrat Sa’d (radhiyallahu anhu) IDu’a

Umcibisholo Owukuqala Owakhishwa Dubulwa KwiIslaam UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waba ingxenye yeqembu lamaSahaabah lokuqala elakhishwa …