Ukusindiswa Ngokusho IDurood Kakhulu

Khona umuntu owabona uAbu Hafs Al-Kaaghazi (rahmatullah alayhi) ephupheni emvakokuthi ashone. Ngenkathi ebona uAbu Hafs (rahmatullah alayhi) wambuza, “Ukuphathe kanjani uAllah?” UAbu Hafs waphendula wathi, “UAllah ube nomusa kumina, wangithethelela futhi wangifaka eJannah.” Ngenkathi uAbu Hafs ebuzwa ngesizathu sokuhlonishwa nokubusiswa ngalendlela, wathi, “Ngenkathi ngime phambili kwaAllah, walaya izingelosi ukuthi zibale izenzo zami. Zase zabala izono zami neDurood engayisho kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) zase zithola ukuthi iDurood idlula izona zami. UAllah wase ethi ezingelosini,’O zingelosi zami! Lokhu kwanele! Ningambophi ngenxa yezono zakhe futhi mfakeni ezulwini lami! “‘ (AlQawlul Badee)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Kuletha Intethelelo KaAllah

UShaykh Ibnu Hajar Makki ubika ukuthi enye inceku yabonakala ephupheni emvakokuthi ishone. Yase ibuzwa ngesimo …