ISajdah (ukuguqa)

1. Yisho iTakbeer, ngaphandle kokuphakamisa izandla uye kwiSajdah (uguqe).

2. Qinisekisa ukuthi umqolo wakho uqondile uma ushona phansi uya kwiSajdah.

3. Beka izandla zakho emadolweni uma ushona phansi uya kwiSajdah.

4. Qala ngokubeka amadolo phansi, kube izandla, kulandele ikhala ugcine ngesiphongo.

5. Beka izandla zakho kanye namadlebe.

6. Gcina iminwe ivaliwe futhi ibhekise kwiKiblah.

7. Izingalo kumele zingathinti phansi

8. Futhi zingasindeli emaceleni komzimba.

9. Bhekisa amehlo ekhaleni uma wenza iSajdah (uguqile).
10. Shiya isikhala phakathi kwesisu namathanga.
11. Sondelisa amadolo ndawonye uma wenza iSajdah ukuze azobhekisa kwiKiblah.
12. Izinyawo kumele zithinte phansi, futhi izinzwane zibhekise kwiKiblah. Ungazihlanganisa izithende noma uzihlukanise. Zombili lezenzo zitholakala kwiHadeeth.
13. Yisho leTasbeeh (amazwi) kathathu noma isibalo esiwugweje.

سُبْحَانَ رَبِّيَ الْأَعْلٰى

Umsulwa nkosi yami ephakeme. 
14. Yisho iTakbeer ubese uphakama uhlale. Lendlela yokuhlala ibizwa ngeJalsah.

About admin

Check Also

IRuku NeKawma (ukugoba nokuguqa) – 2

5. Bhekisa amehlo ezinyaweni uma wenza iRuku (ugoba). 6. Qinisekisa ukuthi izingalo aziwithinti umzimba uma …