IRuku NeKawma (ukugoba nokuguqa) – 2

5. Bhekisa amehlo ezinyaweni uma wenza iRuku (ugoba).

6. Qinisekisa ukuthi izingalo aziwithinti umzimba uma wenza iRuku.

7. Yisho leTasbeeh elandelayo kathathu noma isbalo esiwugweje:

سُبْحَانَ رَبِّيَ الْعَظِيْم

Udunyisiwe umdali wami, ophakeme kakhulu.

8. Phakama kwiRuku ube usho iTasmee:

سَمِعَ اللهُ لِمَنْ حَمِدَهْ

UAllah umalalele lo omdumisayo.

Ulandele ngeTahmeed

اَللّٰهُمَّ رَبَّنَا وَلَكَ الْحَمْد

O Allah, Mdali wethu, ukudumiswa konke okwakho.

9. Sukuma uqonde, emvakokwenza iRuku, ungazibophi izandla, kunalokho zibeke eceleni. Lokuma kubizwa ngeKowmah. Uma wenza iKawma, sukuma uqonde wenze iTa’deel arkaan (kuchaza ukuthi wonke amalungo omzimba kumele akhululeke) ngaphambili kokuthi wenze iSajdah.

About admin

Check Also

Qiyaam (ukuma) – 2

6. Emvakoku phakamisa izandla wazisondeza emadlebeni, yisho iTakbeer (uAllahu Akbar) 7. Hlisa izandla zakho ngenkathi …