Izindaba Ezinhle ZaHadrat Zubayr (radiyallahu anhum) Ezokungena EJannah

Ukuphendula Isimemezelo Esika Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Emvakwempi YaseUhud

Ngelinye ilanga uHadrat Ayesha (radiyallahu anha) wathi kumshana wakhe uUrwah

“Obaba bakho bobabili (ubaba wakho nomkhulu wakho) uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) noHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu) kade be phakathi kweqembu leli uAllah akhuluma ngalo kulelivsei mayelana nempi yaseUhud.

ٱلَّذِينَ ٱسْتَجَابُوا لِلَّـهِ وَٱلرَّسُولِ مِن بَعْدِ مَآ أَصَابَهُمُ ٱلْقَرْحُ لِلَّذِينَ أَحْسَنُوا مِنْهُمْ وَٱتَّقَوْا أَجْرٌ عَظِيمٌ ﴿١٧٢﴾

Laba abaphendula isimemo sikaAllah nomprofethi wakhe emvakokuthi belimele, phakathi kwabo laba abenza kahle bagweme okubi bayothola umvuzo omkhulu.

UHadrat Ayesha (radiyallahu anha) waqhubeka wathi, “Ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ehlelwe ubunzima ngosuku lwempi yaseUhud (ngenxa yokuhlaselwa abangakholwa futhi walimala uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) sebehambile abangakholwa, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wasaba ukuthi bangase baphinde babuye (bezohlasela amaMuslim), wase uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) enza isimemezelo, “Ubani uzobalandela (abangakholwa)?”

Ngokuzwa lesimemezelo, amaSahaabah angu (70) asukuma aphendula lesimemezelo alandela laba abangakholwa (ngoba kade benenhloso yokubuya kodwa ngenkathi bebona ukuthi balandelwa amaSahaabah bashiya phansi umqondo wabo babaleka) phakathi kwa lamaSahaabah kwakukhona uHadrat Abu Bakr noHadrat Zubayr (radiyallahu anhuma).”

About admin

Check Also

URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) Wenzela UHadrat Sa’d (radhiyallahu anhu) IDu’a

Umcibisholo Owukuqala Owakhishwa Dubulwa KwiIslaam UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waba ingxenye yeqembu lamaSahaabah lokuqala elakhishwa …