Eminye Imibhalo Engcwele Eqala Ngegama LaAllah

Umfundisi omkhulu uSuyooti (rahmatullah alayhi) uthi (odume ngokuchaza iKuraan) uthi ngaphandle kweKuraan kuneminye imibhalo engcwele eqala ngobismillah.

Kepha-ke abanye abafundisi banombono wokuthi u ‘بسم الله الرحمن الرحيم‘ ukhethekile kwiKuraan nalesizwe samprofethi uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam).

UMufti Muhammad Shafee (rahmatullah alayhi) uthi lemibono yombili ingachazwa ngalendlela yokuthi yonke imibhalo iqala ngegama elikaAllah kodwa amazwi athi ‘بسم الله الرحمن الرحيم‘ akhethekile kwiKuraan kuphela.

Lokhu kufakazwa kwamanye amaHadeeth athile lawa achazayo ukuthi ngaphambili kokuthi u ‘بسم الله الرحمن الرحيم‘ wethulwe kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ubejwayele ukuthi “بسمك اللهم ” (Bismikallahumma) ngenkathi enza noma omuphi umsebenzi. Kodwa ngenkathi levesi u ” بسم الله الرحمن الرحيم ” lethuliwe waqala wasebenzisa lamazwi wayeka ukusho uBismikallahumma.

 

About admin

Check Also

Umlayezo WeSurah Fatiha

Uma uhlola isahluko seSurah Fatiha, uzobona ukuthi umyalezo kaAllah umayelana nokuthi umuntu uyenza kanjani iDua …