Ukuguqulwa Kobuso Kwenziwa Ingulube

Encwadini ekuthiwa iNuzhatul Majaalis kubhalwe lendaba elandelayo:

Omunye ubaba nendodana yakhe kade benohambo, endleleni ubaba wase eshona ubuso bakhe baguquka kwaba ubuso bengulube. Ngenkathi indodana ibona lokhu, yakhala kakhulu yase yenza iDua kuAllah ukuthi ambhekelele. Indodana yazela yalala, yabona umuntu ephupheni ithi kuyo, “Ubaba wakho kade ejwayele ukudla intela kungenxa yalesizathu ubona ubuso bakhe kulesimo. Kodwa-ke jabula ngoba uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) umkhulumelile ngoba njalo uma kade ezwa igama elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ubejwayele ukusho iDurood kuye. Ngenxa yokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) umkhulumelile ubuso bakhe sekubuyele esimweni.”

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …