Umnikazi Wosuku Lokwahlulela

ملك يوم الدين

Mnikazi wosuku lokwahlulela.
Noma ngabe uAllah engumnikazi wendalo yonke nayo yonke into emhlabeni, uAllah uzichaza kulevesi njengomuntu owumnikazi wosuku lokwahlulela uqobo lakhe.
Abafundisi bachaza ukuthi isizathu salokho ukuthi uAllah unike umuntu amandla okuba umnikazi wezinto ezithile futhi uAllah unike abantu abathile igunya lokuphatha abantu nokuphatha umhlaba ethize la emhlabeni.
Kodwa ngosuku lokwahlulela bonke ubunikazi nobugunya kuyo phela, ayikho indalo eyokwazi ukuba negunya kwenye indalo. Ngalelosuku kuyoba isahlulelo saAllah kuphela esiyoba ngaphezu kwayo yonke into. Ingakho uAllah uzibiza ngomnikazi wosuku lokwahlulela.

About admin

Check Also

Ubuhlakanipha Bokusho UBismillah