UKUFUNDA I-KUR’AN MAJEED

U-Allah ubusise isizwe sikaHazrat Rasulullah ngolwandle olungenasiphetho. Lolu lwandle lugcwele amaparele, amatshe ayigugu aluhlaza (emeralds), amatshe abomvu ayigugu (rubies) kanye nazo zonke izinhlobo zengcebo engenakulinganiswa nani. Uma umuntu ethatha kakhulu kulolu lwandle, uyazuza kakhulu. Lolu lwandle alusoze lwaphela kodwa luzoqhubeka nokuletha izibusiso kulowo muntu kulo mhlaba nasemhlabeni ozayo. Lolu lwandle olungenasiphetho yi-Kur’an Majeed.

I-Kur’an Majeed iyisipho esikhulu kunazo zonke esivela ku-Allah esinikezwe lo mphakathi. Kuyizwi lika-Allah eliya ezidalweni zakhe futhi ayikho enye into eyisipho emhlabeni engalingana nayo. Uma nje isizwe sibambelele ngokuqinile kwi-Kur’an Majeed futhi sifeza amalungelo ayo, sizoba ngumthombo wokukhanya kuso kulo mhlaba nasethuneni.

Ngaphezu kwalokho, ngosuku lokwahlulela k (i-kiyamah), lizohamba naso enkundleni yokuvuka kuze kube yilapho siwungenisa ezulwini.

About admin

Check Also

Sajdah (ukuguqa) 

1. Yisho i-Takbeer bese uya ku-Sajdah. 2. Qala ubeke amadolo phansi, bese izintende, bese ikhala …