Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 5

17. Yenza lezi zenzo ngobuningi ngenyanga kaRamadhaan :

(a) Ukusho iKalima “laa ilaaha illallaah.

(b) Istighfaar (ukucela intethelelo).

(c) Ukucela ukungeniswa eJannah(ezulwini).

(d) Ukucela ukuvikelwa kwisihogo.

عن سلمان رضي الله عنه قال خطبنا رسول الله صلى الله عليه و سلم في آخر يوم من شعبان… واستكثروا فيه من أربع خصال خصلتين ترضون بهما ربكم وخصلتين لا غناء بكم عنهما فأما الخصلتان اللتان ترضون بهما ربكم فشهادة أن لا إله إلا الله وتستغفرونه وأما الخصلتان اللتان لا غناء بكم عنهما فتسألون الله الجنة وتعوذون به من النار (صحيح ابن خزيمة، الرقم: ١٨٨٧)

UHadhrat Salmaan (radiyallahu anhu ) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam ) wethula intshumayelo ngosuku lokugcina kuSha’baan wathi, “Kule nyanga yenza izenzo ezine ngobuningi. Ezimbili zezokugculisa Inkosi yakho, ezimbili ziyisidingo empilweni yakho. Izenzo zokugculisa Inkosi yakho ukusho u” laa ilaaha illallaah ” nokucela intethelelo. Ezimbili okungafanele uphile ngaphandle kwazo ukucela uAllah akungenise eJannah nokucela ukuvikelwa kumlilo wesihogo.

18. Yenza idu’a kakhulu. Idu’a yomuntu ozilile yemukelwa ngokushesha ikakhulukazi uma yenziwa ngaphambi kwe Iftaar (isikhathi sokuqaqa ukuzila).

عن أبي هريرة قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ثلاثة لا ترد دعوتهم الصائم حتى يفطر والإمام العادل ودعوة المظلوم يرفعها الله فوق الغمام ويفتح لها أبواب السماء ويقول الرب وعزتي لأنصرنك ولو بعد حين (سنن الترمذي، الرقم: ٣٥٩٨)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu anhu ) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi ) wathi, “Bathathu abantu imikhuleko yabo engeke yenqatshwe : umuntu ozilile kuze kufike la eqaqa khona, umholi onobulungiswa nomuntu ocindezelwe. UAllah ukhuphula imikhuleko yabo yedlule emafini ayivulele amasango eZulu athi,” Ngifunga ngami uqobo! Ngizokusiza ngabe kuzothatha isikhathi (akuzushesha).

عن عمرو بن شعيب عن أبيه عن جده قال سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول للصائم عند إفطاره دعوة مستجابة وكان عبد الله بن عمرو إذا أفطر دعا أهله وولده ودعا (شعب الايمان، الرقم: ٣٦٢٤)

UHadhrat Abdullah bin Amr (radiyallahu anhu ) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam ) wathi, ” Ngesikhathi se Iftaar, imikhuleko yomuntu ozilile iyemukelwa. ” Ngakho ke uHadhrat Abdullah bin Amr ( radiyallahu anhu ) wayebiza umndeni wakhe wonke nezingane ngesikhathi se Iftaar benze idu’a.

19. Inyanga kaRamadhaan yaziwa ngokuthi iyinyanga yeQur’aan. Ngakho ke kufanele sandise ukufundwa kwayo. OHaafiz (abahayi beQur’aan) kufanele bayifunde kakhulu ukudlula labo abangebona.

20. Khuphula izinga lokuphana ngenyanga kaRamadhaan. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam ) wayephana kakhulu kule nyanga uma kuqhathaniswa nezinye izinyanga zonyaka.

عن ابن عباس رضي الله عنهما قال كان رسول الله صلى الله عليه وسلم أجود الناس وكان أجود ما يكون في رمضان حين يلقاه جبريل وكان يلقاه في كل ليلة من رمضان فيدارسه القرآن فلرسول الله صلى الله عليه وسلم أجود بالخير من الريح المرسلة (صحيح البخاري، الرقم: 6)

UHadhrat Ibnu Abbaas (radiyallahu anhu ) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam ) wayephana ukudlula wonke umuntu. Wayedlulela ngokuphana uma kuyinyanga kaRamadhaan okuyisikhathi sokufika kukaHadhrat Jibra’eel (alayhisalaam). UHadhrat Jibra’eel (alayhisalaam) wayefika njalo ebusuku ngenyanga kaRamadhaan khona bezobukeza bahaye iQur’aan bobabili. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam ) wayephana ukwedlula ngisho umoya lo ovunguzayo (umoya waziwa ngokungabi namngcele, ufika yonke indawo) . Ngakho ke umusa nothando lukaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam ) lwaledlula ngisho umoya.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …