Ukuthola Isibusiso Sokukhulula Iziqgila Eziyishumi

Ukuthola Isibusiso Sokukhulula Iziqgila Eziyishumi

حدثنا يعقوب بن حميد حدثنا حاتم بن إسماعيل عن محمد بن عبد الله عن مولى البراء بن عازب عن البراء بن عازب أن النبي صلى الله عليه وسلم قال: من صلى علي كتب الله عز وجل له بها عشر حسنات ومحا عنه بها عشر سيئات ورفعه بها عشر درجات وكن به عدل عتق عشر رقاب (الصلاة على النبي لابن أبي عاصم، الرقم: 52، وقد ذكره المنذري في الترغيب والترهيب بلفظة “عن”، إشارة إلى كونه صحيحا أو حسنا أو ما قاربهما عنده كما بين أصله في مقدمة كتابه 1/50)

UHazrat Baraa bin Aazib (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu ‘alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othumela iDurood kimi kanye, endaweni yaleyo Durood uAllah umbhalela izenzo ezinhle eziyishumi, amsulele izono eziyshumi, amkhuphule iskhundla izigaba eziyishumi, futhi leyo Durood iyoba indlela yokuthi athole isibusiso sokukhulula iziqgila eziyshumi.”

Uthando LukaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) Laba Landeli Bakhe.

Kuqoshiwe encwadini ekuthiwa “Mawaahib Ladunnyah” esuka kwi “Tafseer Qushairy” ukuthi ngosuku lokwahlulela, kuyo qhamuka ikholwa nezenzo ezinhle eziyiskalo esincane. URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) uyovela abeke iphepha elincane ecaleni lezenzo ezinhle eskalini, lelo phepha liyolingana nesihloko somunwe. Umphumelo kuyoba ukuthi izenzo ezinhle ziyodlula izenzo ezibi.
Ngokubona lokhu, lelo kholwa liyothi, “Engathi abazali bami banganikelwa kuwe, ungubani wena? Waze wamuhle futhi nesenzo sakho saze sasihle!” URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) uyophendula athi, “Empeleni yimi umphrofethi wakho. Lokhu engikubeke esikalini sakho iDurood le okade yisho kimi empilweni yakho. Manje sengifikile ngizokusiza eskhathini sesidingo. (Sharhuz Zarqaani 12/359)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …