Iazaan – Ukusungulwa Kwayo Nokuqala Kwayo – 1

Ngenkathi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) enza iHijrah (ufuduko) eya eMadinah Munawwarah, wakha iMusjid. Emuva kokwakha iMusjid wabonisana namaSahaabah (abalandeli bakhe) ngokuthi eyiphi indlela engase isetshenziswe ukubiza abantu ukuze bezothandaza iSalaah. Kwakuyisifiso esikhulu enhliziyweni kaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi bonke abalandeli bahlangane benze iSalaah ndawonye eMasjid. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) waye kade engajabulile neze ukuthi abalandeli bakhe benze iSalaah ngezikhathi ezahlukene noma benze iSalaah ezindlini.

AmaSahaabah ase ethula imibono ehlukahlukene ngokuthi eyiphi indlela engase isetshenziswe ukubiza abantu beze ukuze benze iSalaah. Eminye yemi bono yamaSahaabah, ukubaswa komlilo noma ukunyuswa kwefulegi. Ngokubona ukuphephezela kwefulegi noma intuthu yomlilo, abantu bayo kwazi ukuthi isikhathi seSalaah sesifikile bese bayo bizana ukuze baye eMasjid.Eminye yemibono kwaku ukukhalisa uphondo noma ukushaya izinduku ukuze bazi abantu ukuthi sesifikile isikhathi seSalaah.

UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) akazange ayijabulele lemibono. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) akafunanga ukuthi isizwe sakhe silinganise amakhresto, amajuda noma abanye abangakholwa kwizinto zeDeen (inkolo) noma endleleni yokuziphilisa. Uma amaMuslim ekade eyolinganisa lezindlela, umphumela kwakuyoba ukufana nabangakholwa futhi ngaphezu kwalokho kwakuyodala ukudideka ngezikhathi zeSalaah ngoba abangakholwa babesebenzisa lezindlela ukuze babize abantu babo ngezikhathi zokuthandaza.

Asibanga khona isiphetho kulomhlangano udaba langaxazululeka.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …