Ukugcwaliselwa Izidingo Eziwu (100)

عن جابر رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من صلى علي في كل يوم مائة مرة قضى الله له مائة حاجة سبعين منها لآخرته و ثلاثين منها لدنياه (أخرجه ابن منده وقال الحافظ أبو موسى المديني: إنه غريب حسن، كذا في القول البديع صـ 277)

UHazrat Jaabir (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi “Umuntu othumela iDurood kimi ewu (100) njalo ngosuku, UAllah uzofeza izidingo zakhe eziwu (100). Eziwu (70) kwelizayo bese eziwu (30) la emhlabeni.”

Ukubhala U”sallallahu alayhi wasallam” Ngokuphelele

UHazrat Ubaidullah bin Qawaareeri uthi :

Ngangi nomngani osondele okade ewumbhali ngokomsebenzi. Ngokushona kwakhe ngase ngimbona ephusheni ngambuza ukuthi uAllah umphathe kanjani. Waphendula wathi uAllah umthethelelile.

Ngambuza ukuthi ngasiphi isenzo, wathi, ngenkathi ngisaphila ngazijwayeza ukuthi njalo uma ngibhala Igama lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngangi bhala u”sallallahu alayhi wasallam” emuva kwegama elibusisekile lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam). UAllah wasithanda lesenzo kakhulu ngalendlela yokuthi unginike izibusiso ezingakaze zibonwe iso, noma ezingakaze ziziwe indlebe futhi ezingakaze zicatshangwe umuntu othumela” (AlQawlul Badee pg. 489)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …