Iazaan – Ukusungulwa Kwayo Nokuqala Kwayo – 2

Ngaphambi kokuthi amaSahaabah ahambe emhlanganweni kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam), uUmar (radhiyallahu anhu) wabeka umbono kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ngoba udaba lalungakafiki esiphetweni ukuthi okwesikhashana kubekhona  umuntu ozobekwa ukuthi ahambe ebiza abantu ukuze bezokwenza iSalaah njalo uma isikhathi singenile.

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathatha umbono kaUmar (radiyallahu anhu) wase ebeka uBilaal (radiyillahu anhu) ukuthi enze lomsebenzi. Ngakho ke ngeskhathi seSalaah uBilaal (radhiyallahu anhu) waye kade ephuma eyotshela abantu ukuthi iSalaah isizoqala eMasjid.

Zonke izinhliziyo zamaSahaabah zazigcwele ukukhathazeka kukaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) ngale simo sokuthi eyiphi indlela ezosetshenziswa ukubiza abantu ukuze bezothandaza ndawonye.

Akudlulanga iskhathi eside ngalobobusuku uHazrat Abdullah bin Zaid (radhiyallahu anhu)  wayo lala uAllah wamkhombisa iphupho. Ephupheni wabona ingelosi iqhamuke esimweni  somuntu igqoke izingubo ezimbili ezikuhlaza iphethe uphondo. Wase ebuza ingelosi ukuthi ” O nceku kaAllah! Engabe uyalidayisa loluphondo?” Ingelosi yaphendula yathi, “Ufisa ukukenzani loluphondo?” UHazrat Abdullah bin Zaid waphendula wathi, “Ngizolusebenzisa ukubiza abantu ukuze bezothandaza”. Ingelosi yathi, “Awuthandi ukuthi ngikukhombise indlela engcono kunaloluphondo  yokuthi ubize abantu ukuzokwenza iSalaah?” UHazrat Abdullah bin Zaid wathi, “Eyiphi leyondlela engcono?” Ingelosi yathi, “Uzokwenza IAzaan.” Ingelosi emuva kwalokho yase imfundisa amagama eAzaan.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …