Iazaan – Ukusungulwa Kwayo Nokuqala Kwayo – 3

Ngenkathi evuka ekseni wase eya kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) wethula lonke iphupho lakhe kuye. Ngokuzwa iphupho lakhe URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngempela iphupho eliqiniso. Ima eduze kwa Bilaal (radhiyallahu anhu) umfundise amagama eAzaan ofundiswe wona ephupheni ukuze azokwenza IAzaan. Vumela uBilaal ukuthi enze IAzaan ngoba iziwi lakha lingaphezukwelakho futhi izwi lakhe lizo fikela kude.

Ngenkathi uUmar (radhiyallahu anhu) ezwa IAzaan kaBilaal (radhiyallahu anhu) wathatha isimbatho sakhe washesha waya emhlanganweni kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). Ngenkathi efika emhlanganweni kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) wathi ngenhlonipho, “O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)!  Ngiyafunga ngalo owakwenza isithunywa sakhe sokuthi  ukuze usabalalise iqiniso leIslam, ngikhonjiswe iphupho ekade ngifundiswa khona amagama eAzaan.” Ngenkathi URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ezwa lokho wajabula wathi, “Lokhu kuyacacisa ngempela ukuthi leli phupho lisuka kuAllah.”

Kubikwa ukuthi amaSahaabah angaphezu kweshumi (10) abona amaphupho labefundiswa khona amagama eAzaan. Phakathi kwabo uHazrat Abu Bakr noHazrat Umar (radhiyallahu anhum).

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …