Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan)

IAzaan isuka ezimpawini ezibalulekile kwi Islam. IIslam inika inhlonipho enkulu kumuntu osho iAzaan, emema abantu kuze bezokwenza iSalaah. Ngosuku lokwahlulela abantu bazomthanda umuntu lo okade ejwayele ukusho iAzaan emhlabeni ngenxa yesikhundla esiphakeme azobe enaso kwelizayo. Maningi amaHadeeth akhuluma ngobuhle obukhulu nezibusiso eziningi ezibekelwe abantu abasho iAzaan.

1. UMuazzin uzojabuliswa isikhundla esibalulekile ngosuku lokwahlulela.

عن معاوية رضي الله عنه قال مسعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول المؤذنون
أطول الناس أعناقا يوم القيامة (صحيح مسلم، الرقم : 387)

UHazrat Muaawiyah (radhiyallahu anhu) uyabika, “ngezwa URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi, “Ngempela oMuazzin bazoba nemiqala emide ngosuku lokwahlulela.”

Kule Hadeeth akuchazi ukuthi imiqala emide ngempela, kodwa kuchaza ezikhundla ezibalulekile zenhlonipho abayo nikwa zona.

2. OMuazzin bayobe bephezulu kwezintaba zamakha ngosuku lokwahlulela.

عن عبد الله بن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ثالثة
على كثبان المسك أراه قال يوم القيامة يغبطهم الأولون والاخرون رجل ينادي بالصلوات الخمس في كل يوم وليلة ورجل يؤم قوما وهم به راضون وعبد أدى حق الله وحق مواليه (سنن الترمذي ، الرقم: ٢٥٦٦)

UHazrat Abdullah bin Umar (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Mathathu amaqembu abantu ayobe ephezu kwezintaba zamakha (ngosuku lokwahlulela) futhi abakhona nabezayo bayo halela izikhundla zabo. Umuntu wokuqala umuntu okade ejwayele ukusho iAzaan njalo ngosuku yemithandazo emihlanu. Owesbili umuntu okade ethandazisa abantu kwiSalaah ngesimo sokuthi abantu bajabulile ngaye (kuchaza ukuthi wenze iSalaah elandela imbandela yayo), owesthathu isgqila esalandela imthetho kaAllah naba nikazi baso.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …